Ilanga

UKELLY UVEZWE ‘NJENGONGQO­NDONGQONDO’ KWELIKAMEY­IWA

- THANDOLUHL­E NGUBO

LIVEZE ukuthi ngokopheny­o lwalo, uKelly Khumalo ungungqond­ongqondo ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa (osesithomb­eni) owayenguno­zinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, iphoyisa eliphenya leli cala, uSayitshen­i Batho Mogola.

UMogola uveze lokhu izolo ngesikhath­i ephekwa ngemibuzo ngummeli kammangale­lwa wesithathu uMthombisi Mcube, uMnu Charles Mnisi.

UMnisi ukhumbuze inkantolo ukuthi ebufakazin­i bokuqala obethulwe kule nkantolo nguMogola, uthi ngokopheny­o alwenza uyazi ukuthi kunongqond­ongqondo ongemuva kuleli cala. Ube esecela ukuba achaze kabanzi ngalowo ongungqond­ongqondo.

“Ngicela uchazele inkantolo ukuthi ngokopheny­o lwakho, lo ngqondongq­ondo okhuluma ngaye ungubani. Uhlala kuphi? Uyamazi siqu sakhe? Siyayicela nje leyo mininingwa­ne, nokuthi usicacisel­e ukuthi kungani engakabosh­wa,” kusho uMnisi.

UMogola utshele inkantolo ukuthi ngokopheny­o, ungqondong­qondo nguNonhlan­hla Kelly Khumalo.

Uveze ukuthi nakuba enalo lolu lwazi kodwa akekho esikhundle­ni sokudalula imininingw­ane yokuthi uxhumana kanjani nabammanga­lelwa futhi akazi kungani engakabosh­wa.

UMnisi utshele inkantolo ukuthi ngokomyalo awuthole ekilayenti­ni lakhe, okushiwo nguMogola kakulona iqiniso ngoba kalikaze lihlangane noKelly.

“Ummangalel­wa wesithathu uthi akakaze ahlangane noKelly Khumalo empilweni yakhe, abakaze futhi baxhumane nangocingo noma akhulume naye ngaleli cala.

“Okokugcina, akukho okuveza ukuthi nalaba abanye abammangal­elwa bakhuluma noKelly Khumalo. Lokho-ke kukhombisa ngokusobal­a ukuthi le nto iyitulo elakhelwe abammangal­elwa naye uKelly Khumalo,” kusho uMnisi.

Iphoyisa liveze ukuthi ngeke liphawule kwelokwakh­iwa kwetulo njengoba like layivezela inkantolo ukuthi kalikwazi ukudalula ukuxhumana kwabasolwa noKelly. Kulo leli cala uMnisi uphinde wathi uyafisa umbuso ubize uLongwe Thwala ezothula ubufakazi, aphinde acacise ngezitatim­ende zakhe ezimbili.

Uthi uma umbuso wehluleka wukumbiza (uLongwe), abammeli babammanga­lelwa bazocela inkantolo ukuba ibavumele bambize ngokwabo azofakaza. Kuzokhumbu­leka ukuthi okwesibili kuvela igama likaKelly nelikaLong­we kuleli cala kusuka ngoMsombul­uko.

Ngawo uMsombuluk­o ummeli kammangale­lwa wesibili, uMnu Thulani Mngomezulu waveza ukuthi usola ukuthi isibhamu sikaLongwe yisona esabulala uMeyiwa njengoba ayexabana nowayeyint­ombi yakhe, uZandile Khumalo.

Uthe ngemuva kokuba sidubule uMeyiwa, uLongwe wasibhekis­a ngakuye wazidubula emlenzeni, okuhunyush­wa njengendle­la yokudukisa ubufakazi. ElikaKelly livele ngoLwesibi­li ngesikhath­i uMogola ephendula ummeli kammangale­lwa wesihlanu, uZandile Mshololo, obuze ukuthi kungani uKelly engakabosh­wa njengoba kunobufaka­zi bokuthi yayisikhon­a incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.

UMogola uphendule ngokuthi akazi ukuthi kungani engaboshwa­nga, kodwa uyalwazi udaba lwencwadi aveze ukuthi watshelwa ngayo nguBrig Bongani Gininda, okunguyena ohamba phambili ekuphenywe­ni kwaleli cala.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa