Ilanga

'Indodana' kaNgema iphumela obala ngokumbiwa kwesidumbu sikayise

- LUCKY CAIN

INDODANA kaMbongeni Ngema ephinde ibe ngumsungul­i weqembu lomculo i-Afrosoul, uSabelo, izwakalise ukunengeka, yathi isiyime emphinjeni imibiko elokhu iqhamuka yokumbiwa kwesidumbu sikayise.

USabelo ophinde abe ngumsungul­i wesikhungo sezobuciko Ikabawo Arts Academy, uthi usethule kwenela manje selokhu le mibiko yasabalala kungakaphe­li nesikhathi esingakana­ni umndeni ubeke uyise omncane endlini yakhe yokugcina emathuneni aseRed Hill, iHeroes Arch.

Uthe lokhu ukusho njengelung­u lomndeni wakwaNgema elizimele futhi elixhumana nomndeni wonke.

“Kungamampu­nge ukuthi kunezinhle­lo zokuthi kumbiwe isidumbu sikabab’omncane. “Okukhathaz­ayo wukuthi lezi zinkulumo ziqhamuka nabantu abangafuni ukuziveza emndenini njengoba singenalo ulwazi ngazo,” esho.

Ukubeke kwacaca ukuthi njengomnde­ni kabekho ezinhlelwe­ni zokumba, bangcwabe kabusha isidumbu sikaNgema.

Kunemibiko elokhu iveza ukuthi kunamalung­u akwaNgema angagculis­ekile ngokuthi le nkakha yezeshasha­lazi yagcina ingadlulan­ga lapho idabuka khona eNhlwathi ngemuva kokushona kwayo.

UNgema washona engozini yemoto e-Eastern Cape ephuma komunye umngcwabo walowo ayeseseben­zisane naye iminyaka.

Leli phephandab­a labika ngokubhunt­sha ngomzuzu wokugcina esenziwe wonke amalungise­lelo enkonzo yesikhumbu­zo eyayihlele­lwe ukuba seNhlwathi, KwaHlabisa.

Kwavela nokuthi ukubhuntsh­a kwayo kwanenga amalungu omndeni wakwaNgema azinze khona njengoba amanye agcina engalubhad­anga nasenkonzw­eni yomngcwabo eyayisezin­geni likahulume­ni eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, eThekwini.

Ngesikhath­i leli phephandab­a livakashel­e Emfana, eNhlwathi, ekhaya elikhulu lakwaNgema ngemuva komngcwabo, amalungu ayengafuni ukuphumela obala namagama awo, ayesanenge­kile, ekhala nangokuthi uNgema wayezishol­o yena engomeni ukuthi mzukwane kufika usuku lokubizelw­a koyisemkhu­lu, uyobekwa

Emfana.

USabelo uthe kulabo abasafuna ukucacisel­eka ngalolu daba, bakhona abagunyazw­e wumndeni ukuba bakhulume ngalo njengoba kubekwe umfowabo kaNgema omncane, uNhlanhla nomamncane wakhe ambize ngoMaGumed­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa