INYUVESI IZIGQAJA NGOKUNIKA IZITSHUDENI ITHUBA LOKUZIQHAYISA
IKHUTHAZA ukuvulela izitshudeni ithuba lokujabula ngendlela ezifisa ngayo emcimbini wokwethweswa iziqu inyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN).
Ngokwesitatimende sale nyuvesi ngomlomo kaNkz Nomarh Zondo okhulumela isikhungo, injabulo yezitshudeni iseqhulwini kulesi sikhungo ngoba wumvuzo lona izitshudeni ezisuke ziwusebenzele kanzima iminyaka eminingi.
Uphawule ngalokhu eveza ukuthi umcimbi wokwethweswa iziqu kulesi sikhungo uzoqala mhla ka-6 kuNhlaba (May). Uthi izitshudeni eziningi ezifunda kulesi sikhungo, zivela emindenini ehlwempu, okufanele zikujabulele ukugqoka amajazi azo.
“Umcimbi wethu uzoveza amasiko ahlukene ezikholelwa kuwona izitshudeni. Konke lokho sikubona emcimbini sezijabulela ukugqoka imiyezane izitshudeni. Imuva lezitshudeni namasiko azo emakhaya la zizalwa khona sikubona ngalolu suku.
“Umcimbi wase-UKZN uthokozelwa ngabantu abaningi eNingizimu Afrika, nasezinkundleni zokuxhumana unesasasa ngoba sinikeza izitshudeni ithuba lokujabula ngendlela eziyifisayo, zihlobe ngokukhululeka ngokwamasiko azo njengoba kwenzeka kuleli,” esho.
Uveze ukuthi izitshudeni eziningi zidlula ebunzimeni bendlala kanti nemuva lazo kalithokozisi. Uthi yileso isizathu esenza bavulele inkululeko yokujabula kwezitshudeni.
“Abazali bezitshudeni, othisha abafundisayo belekelela izitshudeni emsebenzini wazo, kuyisikhathi lesi sokuthi babongwe ngakho ukubonakala kwenjabulo yezitshudeni uma sezigqoka,” kusho uNkz Zondo.
Imicimbi yeziqu kulesi sikhungo, ithakaselwa kakhulu ngenxa yokuzibonakalisa kwezitshudeni zayo uma sezigqoka imiyezane.
Ukwenza kwezikhungo kwehlukile njengoba eDurban University of Technology (DUT) kwavalwa ukugubha ngenjabulo kwezitshudeni kulo mcimbi. Umphathi wenyuvesi yakhona wathi lo mcimbi kufanele uhlonishwe, unikezwe isithunzi.
UNkz Zondo uthe lesi sikhungo sethule inkundla ezolekelela izitshudeni ukuba ziyivakashele ukuze zibone izihlalo ezizohlala kuzona nezikhathi okuzogqokiswa ngazo ukugwema ukufika emuva kwesikhathi.
“Uma izitshudeni zifike emuva kwesikhathi ebesinqunyiwe sokuqala komcimbi, ithimba lethu esikhungweni lenza okusemandleni ukuthi siyalekelelwa isitshudeni sibeyingxenye yomcimbi,” esho.
Okhulumela inyuvesi yaseZululand (uNgoye) uMnu Siyanda Mntambo, uthi kulesi sikhungo kuzogqokiswa izitshudeni eziwu-3 600. Uthi ukuthweswa kwazo imiyezane kuzoqalwa mhla ka-6 kuNhlaba (May) kuya mhla ka-10 kuwona.
Uthe izitshudeni kufanele zifike kusasele ihora ngaphambi kokuba kuqale umcimbi wokugqokiswa kwazo, uthi ohlulwe yilokho, akavunyelwa ukungena emcimbini.
Ngakolunye uhlangothi eDUT kuzoqalwa mhla ka-13 kuNhlaba (May) ophikweni oluseMgungundlovu, eziseThekwini izimpiko, kuzokuba mhla ka-20 kuya kumhla ka-28 kuwona uNhlaba.
UMnu Alan Khan okhulumela isikhungo, uthi kuzogqoka izitshudeni eziwu-6991. Ziwu-6235 izitshudeni ezizobe zigqoka okokuqala ngqa kulesi sikhungo (Undergraduate) kanti eziwu-756 bezenza iziqu ezithuthukile (Post Graduate).
Imicimbi yeziqu izohlukaniswa izigaba ezintathu kulesi sikhungo, eyasekuseni ngo-9h00, eyasemini neyakusihlwa.