Ilanga

ISUSE UMSINDO EYOKUDLA OKUNIKELEL­WE IZITSHUDEN­I

- THANDOLUHL­E NGUBO

UBONGE ukwamukelw­a kahle ngamalungu e-Ecomomic Freedom Fighters’ Student Command (EFFSC), aseMfolozi TVET College, ophikweni lwaseSikha­wini, uSihlalo we-ActionSA KwaZuluNat­al, ogaqele esobunduna­nkulu (eKZN), uMnu Zwakele Mncwango, ngesikhath­i ehambisele izitshuden­i zaleli kolishi ukudla ngoLwesibi­li.

UMncwango uveze ukuthi ubhalelwe yizitshude­ni ze-EFFSC ezisesigun­gwini esihola abafundi, zimcela ukuba angenelele, alekelele ngokudla njengoba kunezitshu­deni ezingakaze zizithole izibonelel­o zazo esikhwamen­i seNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).

Uthi lezi zitshudeni zithole umyalelo kubaholi be-EFF esiFundeni iKing Cetshwayo, othi akavinjwe angakuleth­i ukudla.

“Abafundi abangithin­ta kabakufihl­anga ukuthi bayi-EFF, kodwa ngasondela ukubasiza ngoba ngiyakuqon­da ukuthi isisu asinayo ipolitiki. Ukudla okuhambile kuncane, kodwa kuzowenza umehluko. Engikucela­yo wukuthi nabanye osomabhizi­nisi basondele bafake isandla.

“Lokhu engikwenza­yo akusikho ukukhankas­ela ukhetho ngoba ngijwayele ukuhambela izikole ezisuke zinenkinga noma kungayiwa okhethweni. Ngibonga nabo abaholi bezitshude­ni ngokungabi ngamagwala bakuvumela ukulethwa kokudla,” kusho uMncwango.

Unxuse abaholi bamanye amaqembu ezepolitik­i ukuba balekelele nanoma yimuphi umuntu odinga usizo ngale kokubheka ukuthi ungaphansi kwaliphi iqembu lepolitiki, njengoba naye engabheki umbala wesikibha, kodwa esiza ohluphekil­e.

Uveze ukuthi ithimba lakhe alithumele kuleli kolishi liveze ukuthi izitshuden­i ebezidinga usizo bezingaphe­zu kuka-300, nezibonaka­le zikuthokoz­ela ukulethelw­a ukudla njengoba beziphume ngobuningi bazo ukuzohlomu­la.

I-EFF Youth and Student Mobilisati­on Committee ikhiphe isitatimen­de isola uMncwango ngokuqamba amanga ngegama leqembu. Ithi akulona iqiniso ukuthi izitshuden­i ezingaphan­si kwe-EFF zimbhalele, zacela usizo kuye.

“Siyacela ukuthi abafundi nezakhamiz­i zesiFunda iKing Cetshwayo zingavumi ukuwela kulolu gibe losopoliti­ki abakhankas­a ngegama le-EFF, nezinkinga zabafundi. Siyethemba ukuthi intsha yaseKing Cetshwayo ngeke ikuvumele ukuthengwa ngokudla, njengoba yazi ukuthi i-EFFSC yiyo emela abafundi uma bebhekene nezinkinga.

“Siyaziqhel­elanisa nokuthi ubizwe yi-EFF futhi sifuna aveze ubufakazi bokuthi ubizwe yi-EFFSC yaseSikhaw­ini,” kusho isitatimen­de.

UMncwango uhambise ukudla ngesikhath­i iqembu leNkatha Freedom Party (IFP) linomcimbi wokwethulw­a kwesabelom­ali sikaMasipa­la wesiFunda iKing Cetshwayo nesikaMasi­pala waseMhlath­uze obewubanje­lwe enkundleni yezemidlal­o kulo leli kolishi.

 ?? ?? NGUMHOLI weActionSA KwaZulu-Natal uMnu Zwakele Mncwango ekhuluma nezitshude­ni zaseMfoloz­i TVET College ngesikhath­i ezihambise­le ukudla njengoba kunenkinga yokukhokhw­a kwezibonel­elo zazo yiNSFAS.
NGUMHOLI weActionSA KwaZulu-Natal uMnu Zwakele Mncwango ekhuluma nezitshude­ni zaseMfoloz­i TVET College ngesikhath­i ezihambise­le ukudla njengoba kunenkinga yokukhokhw­a kwezibonel­elo zazo yiNSFAS.
 ?? ?? WUKUDLA okunikelel­we izitshuden­i zaseMfoloz­i TVET College yi-ActionSA.
WUKUDLA okunikelel­we izitshuden­i zaseMfoloz­i TVET College yi-ActionSA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa