Kunxuswe abantu ukukhokhela amanzi kwethulwa isabelomali
Imeya yaseMhlathuze ithi isiqalile ukuxoxa nosomabhizinisi nezinhlaka zomphakathi ngokufakwa kwamamitha
KUGQAME eyokulungiswa kwengqalasizinda yamanzi azonhlinzeka izakhamizi ngaphansi kukaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, ngesikhathi uhambele uMasipala uMhlathuze beyokwethula izabelomali sabo ngokubambisana ngoLwesibili, eMfolozi TVET College, eSikhawini.
Abaholi balaba omasipala bathe ukuzixhumela ngokungemthetho amanzi, yingqalasizinda yamanzi esindala nosomabhizinisi abangawakhokheli amanzi ngezinye zezimbangela zokubambezeleka kokuthuthukiswa kwezinhlelo zokuyisa amanzi emphakathini.
Bathe lokhu kulahlekisela omasipala abangaphansi kwalo mkhandlu ngemali eningi, njengoba ihhovisi lomcwaningimabhukujikelele (Auditor-General) liveze ukuthi balahlekelwa imali engaphezulu kuka-R300 million, uma kubalwa eyamanzi akhiqizwa yizihlanzimanzi ezikubo.
Umkhandlu uKing Cetshwayo usochungechungeni lokuvakashela omasipala abangaphansi kwawo ukwethula ngokubambisana izabelomali zabo.
Imeya kaMasipala waseMhlathuze uMnu Xolani Ngwezi, iveze ukuthi isiqalile ukukhuluma nosomabhizinisi nabaholi bomphakathi ngokufaka amamitha amanzi ezindaweni zokusebenzela nasemakhaya
ukugwema ukulahleka kwemali.
Ethula isabelomali uNgwezi, uveze ukuthi isabelomali esivela kuhulumeni sikhushulwe ngo-R36 million kumasipala wakhe kunyakamali ka-2024/25.
“Mphakathi wakithi, kulesi sabelomali salo nyaka wemali sinayo imali ewu-7% ekukhuliswe ngayo imali esiyithola kuhulumeni, njengoba isuke ku-R520 million yayaku-R556 million.
“Kusukela ngo-2021, umasipala bewushodelwa yimali kodwa ungaqedile ukuletha okwakuthiwa kuzokwenziwa ngesikhathi kuthulwa isabelomali.
“Njengamanje leyo mali eshodayo ihleli ku-R163 million,
kodwa kweyalo nyaka ozayo siyaqinisekisa ukuthi isabelomali sethu sizosala nemali elinganiselwa ku-R10,6 million sezilethwe
zonke izidingo zomphakathi,” kusho uNgwezi.
Eqhuba, uthe kunyakamali ka-2024/25 ozoqala ngomhla ka-1 kuNtulikazi (July), umasipala wakhe unesabelomali sika-R6,2 billion, kanti u-R5,5 billion ngowemisebenzi yansuku zonke kumasipala, bese u-R611 million kube ngowokuthuthukisa ingqalasizinda yaseMhlathuze.
Uthe ukwengeza emalini yokuthuthukisa ingqalasizinda, umasipala wakhe uzokweboleka u-R380 million, athe seluqalile uhlelo lokuyeboleka njengoba luthatha isikhathi eside.
Uthe ukukhuphuka kwezindleko zempilo kungaholela ekutheni umasipala ukhuphule intengo yezinye zezidingo ozihlinzekayo.
“Mangicacise ukuthi imali esizoyiboleka, kakuyona eyokugcina umasipala usebenza noma
ukukhokha amaholo ezisebenzi, kodwa ngeyengqalasizinda.
“Sinazo iziphakamiso ezenziwe wumkhandlu zokuthi njengoba intengo yempilo ikhuphuka, nathi sikhuphule ama-rates ezakhiwo ngo-9%, ugesi ngo-10,09%, amanzi ngo-10% nokuqoqwa kukadoti ngo-6%,” esho.
IMeya uMnu Thami Ntuli iveze ukuthi uMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo onesabelomali esingaphezu kuka-R2 billion ukhathazekile ngokushoda kwamanzi ezindaweni ezingaphansi kwawo.
Uthi le mali izokwelekelela ukulungisa ingqalasizinda yamanzi, ukukhuphula umnotho wendawo, ezemfundo nosomabhizinisi abasafususa.
“Iseyinkinga indaba yamanzi kodwa sesiqalile ukuxoxisana nezakhamizi ukuba zingakubalekeli ukuwakhokhela.
“Kule mali esinayo sizolungisa neziphehlimanzi zethu esezindala, ezivuzayo ngoba nakho lokho kunomthelela kule nkinga yamanzi.
“Sizophinda sibeke eceleni u-R5 million wokuthuthukisa abesifazane, u-R5 million wokuthuthukisa intsha, no-R2 million wokwelekelela abafundi abangenabani abafisa ukubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
“Enye yale mali sizoyabela omasipala abawu-5 abangaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo,” kusho uNtuli.
Kulindelwe ukuba ngoLwesibili iKing Cetshwayo ihlanganyele nomasipala waseMthonjaneni ngohlelo olufanayo, ilandelise ngowaseNkandla ngomhla ka-7 kuNhlaba (May), bese ivala ngowaseMlalazi ngosuku olulandelayo.