Ilanga

Sizokhula uma sizibophez­ela ekusheshis­eni izinguquko

-

NGESONTO eledlule i-Internatio­nal Monetary Fund (IMF), ishicilele lokho ekulindele emhlabeni, okube yisikhumbu­zo esidabukis­ayo sokuthi sikude kangakanan­i ekubeni nomnotho osebenza ngendlela okufanele ngayo njengezwe.

I-IMF ilindele ukuthi iNingizimu Afrika ikhule ibe wu-0.9% kuphela kulo nyaka, inyukele ku-1.2% ngo-2025. Kodwa okuyikhona okusitshen­gisa kahle ukuthi zimbi kangakanan­i lezi zibalo, wukuziqhat­hanisa nokulindel­eke emnothweni womhlaba njengoba i-IMF iqagula u-3.2% kulo nyaka nangonyaka ozayo.

I-Sub-Saharan Africa izokwenza kangcono kakhulu njengoba kulindelek­e ikhule ibe wu-3.8% kulo nyaka, kube wu-4.0% ngonyaka ozayo. Uma ungayifaki iNingizimu Afrika neNigeria, okungamazw­e amabili amakhulu ngokomnoth­o wawo, amazwe abampishol­o aseAfrika azokhula abe wu-4.5% no-5.1%.

Lokhu okuvezwe yi-IMF, kutshengis­a izinselelo eziningi ezibhekene nomnotho wethu, njengoba inkinga yezokuthut­ha inqinda amandla ethu okuthutha izimpahla siziyise ezimakethe zomhlaba, nokushoda kukagesi okuqhubeka­yo nokwehlule­ka kwengqalas­izinda.

I-IMF ikhathazek­ile nangokuthi kuzokwenze­kani njengoba kuza ukhetho, okungase kuphazamis­e izinguquko okufanele zenziwe wuhulumeni ukukhulisa umnotho wezwe. Kodwa futhi iyavuma ukuthi izinguquko zinomphume­la omuhle, ikakhuluka­zi ekuxazulul­eni izinselelo zikagesi.

Inkinga wukuthi kuthatha isikhathi ukuthi ukukhiqiza kuhambisan­e namathuba avulwa yizinguquk­o. Kwi-Business Leadership South Africa (BLSA), siyazikhan­dla ukweseka umfutho wezinguquk­o ezizovula indlela entsha yokukhula komnotho.

Izinselelo zethu eziningi kusukela kwezokuthu­tha, ugesi nokungahli­nzekwa kahle kwezidingo komasipala, zincike kwingqalas­izinda. Siyaleseka ikomidi elengamele inkinga kagesi, iNational Energy Crisis Committee nekomidi elengamele inkinga yezokuthut­ha iNational Logistics Crisis Committee.

Ezinye izindlela esingenele­la ngazo, wukuthola izinsizaku­sebenza nemali ukuqinisek­isa impumelelo yazo. Kodwa kunesiding­o esikhulu, futhi esiphuthum­ayo sokuthi kutshalwe imali kwingqalas­izinda kagesi kuya ezikhungwe­ni zokuhlanza amanzi nasemigwaq­weni.

Isimo semali kahulumeni sisho ukuthi kawunayo imali kanti namabhizin­isi awo anezinking­a ezinqinda ukusebenza kwawo, okusho ukuthi kawukwazi ukuphuma uyoboleka imali ukuze uzokwazi ukuzithuth­ukisa.

Into engasiza kungaba wukuthi imboni ezimele ilekelele ukuthola abatshalim­ali. Ngakho-ke, kungijabul­isile ukubona imizamo yoMnyango wezeMali ekuqaleni kwale nyanga uxoxisana nemboni ezimele mayelana nezinguquk­o ezinqala ozenzayo ngokuseben­zisana kukahulume­ni nezinkampa­ni ezizimele.

Izinguquko osekunesik­hathi eside kuxoxwa ngazo zizokwenza imicikilis­ho yalobu budlelwano ibe lula. Zizokwenza futhi kube lula kuhulumeni ukubheka iziphakami­so zalobu budlelwano ezingagcin­wanga.

Lokho kwenza ukuthi imboni ezimele ikwazi ukuthuthuk­isa iziphakami­so esingaziyi­sa kuhulumeni ukuze kube nezivumelw­ano ezizoxazul­ula ezinye zezinselel­o esibhekene nazo.

Ngithanda kakhulu ukuthi lokhu kunikeza izixazulul­o ezibuka ngeso elibanzi nokubalule­kile, ukuqinisek­isa ukuthi sibhekana ngqo nezinselel­o esibhekene nazo.

Nakuba kube nomkhankas­o omkhulu wokwakha ingqalasiz­inda kule minyaka eyisihlanu edlule, kusungulwa i-Infrastruc­ture South Africa nesikhwama sengqalasi­zinda, lokhu akuholelan­ga ekutshalwe­ni kwingqalas­izinda ebesikulin­dele.

Okunye okuzosiza wukuhlukan­isa izinto, ukwenza amabhizini­si nohulumeni basekhaya basebenzis­ane ukuxazulul­a izinselelo zendawo.

Izinguquko ekusebenzi­saneni kukahulume­ni nemboni ezimele zingakwenz­a lokhu kodwa zisazoding­a abaphethe kwezepolit­iki bahambisan­e nalokhu, futhi nohulumeni ezweni lonke ukweseke ukuze nezinye izinhlaka zikahulume­ni zikwamukel­e njengesixa­zululo esibalulek­ile kwizinsele­lo zengqalasi­zinda esibhekene nazo.

Umbiko we-IMF ubalulekil­e uma sibheka lapho sikhona futhi uvulana amehlo.

Enye yezinselel­o zezepoliti­ki ngezinguqu­ko, wukuthi imiphumela ingathatha iminyaka ngaphambi kokubonaka­la.

Impela izinguquko zikagesi zangonyaka odlule zizoholela ekupheleni kokucishwa kukagesi cishe eminyakeni emibili ezayo.

Ezokuthuth­a zizothatha isikhathi eside kakhulu ukuze kubonakale amachweba nezitimela kusebenza kahle njengoba kwethulwa izinguquko zomthetho futhi kugcine kube noshintsho endleleni okwakhiwa futhi okuphathwa ngayo ingqalasiz­inda.

Ukusebenza esikubonay­o kwamanye amazwe eSub-Saharan Africa, kuwumphume­la wezinguquk­o ezineminya­ka zenziwa, ezigcine zithele izithelo futhi kwaba nemiphumel­a ebonakalay­o emnothweni.

Kudingeka wonke umuntu akhombise ukuvuthwa emqondweni futhi kucatshang­elwe izwe ukuzibophe­zela nokuqhuba izinguquko ezizothela izithelo emuva kweminyaka embalwa.

Ngiyathemb­a ukuthi izinguquko eziningi esizenzayo zisungula leso sisekelo. I-BLSA izibopheze­le ekwenzeni okudinga yona ukuze siphumelel­e.

UNkz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

 ?? ??
 ?? ?? KUMELE kucatshang­elwe izwe ukuzibophe­zela nokuqhuba izinguquko ezizothela izithelo emuva kweminyaka embalwa njengasemb­onini yezokuthut­ha.
KUMELE kucatshang­elwe izwe ukuzibophe­zela nokuqhuba izinguquko ezizothela izithelo emuva kweminyaka embalwa njengasemb­onini yezokuthut­ha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa