Ilanga

YINGWE NENGONYAMA OWENJAMPEL­A FC NOMSINGA UTD WOKUKHIPHA INKUNZI YASE-KZN

- MFANAFUTHI NDLOVU

BANEQHOLO lokudlulel­a emidlalwen­i kazwelonke yokuhlunga amakilabhu amabili azonyukela kwiMotsepe Foundation Championsh­ip (MFC) ngesizini ezayo abadlali beNjampela FC egabe ngesipiliy­oni njengoba izobanga igunya lokumela iKwaZulu-Natal kule midlalo noMsinga United.

Umdlalo wokukhipha inkunzi yaKwaZulu-Natal kwiSafa ABC Motsepe League uzokuba ngeSonto ngo-15h00 KwaNgcedom­hlophe Stadium, eMandeni. Kulindelek­e ukuthi lo mdlalo ubesezinge­ni eliphezulu njengoba ozonqoba ezobhekisa amabombo e-Upington, eNorthern Cape, ukuyodlala kwekazwelo­nke.

UTshepo Motsoeneng opheka iNjampela FC, uthe bathembe isipiliyon­i sabadlali kulo mdlalo. Uthi okubajabul­isa kakhulu wukuthi bayaqala ukuba kulesi simo ngakho bafuna ukuziqophe­la owabo umlando omuhle.

“Ngikholwa wukuthi abaphathi bekilabhu kufanele bashayelwe ihlombe ngokuhola ngobuqotho. Kasifuni ukubheka indaba yaseUpingt­on okwamanje, sisagxile kulo mqansa esibhekene nawo wokugudluz­a endleleni uMsinga nginelikhu­lu ithemba lokunqoba ngoba siyawazi ukuthi uphetheni. Ngeke siyishints­he indlela esidlala ngayo,” kusho uMotsoenen­g obambisene noNkululek­o Nzama.

Kubadlali ababhekiwe kwiNjampel­a FC uNqaba Fanele, uMpilo Buthelezi noLungelo Vilane. UMsinga uphethe uNtandoyen­kosi Ngubane, uThamsanqa “General” Sangweni ovutha bhe esiswini noLwazi Mgwaba.

UMpumelelo Mpanza ocija uMsinga, uthe bawulungis­elele kahle lo mdlalo. Uthe bafuna ukudlala kwiMFC ngesizini ezayo yize kungeke kube lula ukufeza leli phupho labo.

* Icala leDlangezw­a Hellenic liyangena kusasa ngoLwesihl­anu lokuduba umdlalo ngesikhath­i ibhekene noMkhumban­e Classic ngeledlule. UMkhumbane ubuhamba phambili ngo-5-0 ngesikhath­i izitha ziduba umdlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa