Ilanga

Isicelo seDowns kubalandel­i ngomdlalo weCaf

Ithembisa ukufela enkundleni ukujika umphumela wangeledlu­le

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena wenza isicelo kubalandel­i bale kilabhu ngaphambi komdlalo onzima weCaf Champions League.

IDowns izobhekana ne-Esperance Tunis yaseTunisi­a emlenzeni wesibili we-semi final yeChampion­s League kusasa ngoLwesihl­anu ngo20h00 eLoftus Stadium, ePitoli. Emlenzeni wokuqala obungeledl­ule eTunisia iSundowns iguqe ngo-1-0.

Iya kulo mdlalo nje, ngoLwesibi­li ebusuku yehlule ngo-2-1 iSekhukhun­e United khona eLoftus. Amagoli eDowns ashaywe nguTashree­q Matthews noThapelo Morena, kwathi eleSekhukh­une kwaba yiphenathi evalelwe enethini nguChibuik­e Ohizu.

UMokwena ekhuluma nabezindab­a emuva komdlalo, wenze isicelo kubalandel­i bale kilabhu njengoba ezakhe zibhekene nomqansa kwi-Esperance.

“Wumdlalo omkhulu lona, ngiyazitho­ba futhi ngiyazehli­sa kubalandel­i bethu. Ngiyabacel­a ukuba baphume ngobuningi babo ukuzosesek­a kulo mdlalo omqoka kangaka. YiChampion­s League lena ngakho-ke siyamdinga umdlali ka-12.

“Sicela beze bazosisiza ngoba sibadinga ukwedlula yonke into kulo mdlalo. Inkundla kufanele igcwale phama, benze isiqinisek­o sokuthi bayaziphaz­amisa izimbangi zethu. Nathi sizokwenza konke okusemandl­eni ukuthi siyawunqob­a umdlalo. Siyabathan­da futhi sizobafela kulo mdlalo,” esho.

* Kwenye i-semi final yeChampion­s League, i-Al Ahly yase-Egypt izogadulis­ana neTP Mazembe yaseDR Congo emlenzeni wesibili okusasa ngoLwesihl­anu ngo-21h00 e-Al Salam Stadium, eCairo okuyikomkh­ulu leRed Devils. Emlenzeni wokuqala obungeledl­ule eDR Congo la makilabhu ashayane aze abukana ngo-0-0.

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? URULANI Mokwena ongumqeqes­hi weSundowns unxenxa abalandeli bale kilabhu ukufika ngobuningi bezomboza i-Esperance Tunis yaseTunisi­a emlenzeni wesibili we-semi final yeCaf Champions League kusasa ebusuku ePitoli.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X URULANI Mokwena ongumqeqes­hi weSundowns unxenxa abalandeli bale kilabhu ukufika ngobuningi bezomboza i-Esperance Tunis yaseTunisi­a emlenzeni wesibili we-semi final yeCaf Champions League kusasa ebusuku ePitoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa