Ilanga

USuthu luzolwela isithunzi lubhekene neChippa eThekwini

- MFANAFUTHI NDLOVU

BATHEMBISA ukukhokha isikweletu kubalandel­i bamaZulu FC abadlali bale kilabhu eqhathwe neChippa United koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

USuthu lusazikhot­ha amanxeba njengoba lushaywe luphindele­lwa yi-Orlando Pirates eqale yalukhipha kuma-quarter final eNedbank Cup ngo-4-2 eThekwini yaphinda yaluguqisa koweDStv Premiershi­p ngo-1-0 ngeledlule eSoweto.

EThekwini uSuthu lwaguqa emdlalweni owawugcwel­e phama futhi ludlala ibhola elihle. Lunesilond­a sokuphoxa abalandeli balo olulwela ukubesula izinyembez­i kulo mdlalo.

UTshepang Moremi (23) ongomunye wabadlali abashibili­kayo esiswini soSuthu, uthi okuhle ngalo mdlalo wukuthi bawulungis­elele kahle yize bebuqonda kahle ubunzima abazobheka­na nabo kuwona njengoba nezitha zabo zingabheny­wa muva nje.

“Siyazi ukuthi iChippa ibuye namaphuzu agcwele emdlalweni wayo wokugcina okuzokwenz­a ukuthi ifike kithina ihambela phezulu. Yingakho nathi kufanele silwe umdlalo uqala uze uyophela. Siwaqaleke­le wonke amaphuzu, kasisafuni ukuwadedel­a ikakhuluka­zi njengoba kuwumdlalo wethu wasekhaya.

“Kubaluleki­le ukuthi abalandeli singabapho­xi, silwele isithunzi sekilabhu. Sisenalo ithemba lokuqeda sibalwa namakilabh­u akwi-top 8.

“Okuhle wukuthi sidlala kahle, yinhlanhla nje kuphela ebuye isilahleke­le enkundleni. Ngijabule ngendlela engidlale kahle ngayo kule midlalo edlule. Ngifuna ukuqhubeka ngenze kahle kuyona yonke imidlalo yethu esele.

Bonke abadlali bafuna ukuba yingxenye yokunyomfa izinto zeChippa kulo mdlalo,” esho.

Kubadlali ababhekiwe kulo mdlalo oSuthwini kukhona yena uMoremi, uVeli Mothwa ezintini, uHendrick Ekstein obuyelwe yifomu ngendlela exakile no-Ethan Brooks osanda kubuya ekulimalen­i.

KwiChilli Boyz kukhona uBienvenu Eva Nga, uCraig Martin noStanley Nwabali ongunozint­i waseNigeri­a okuvela ukuthi ugaqelwe yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kuleli.

Kuthiwa uSiviwe “Chippa” Mpengesi ongumnikaz­i weChippa angase amdedele iBucs athathe uRichard Ofori waseGhana.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa