Ilanga

Kuputshuka eyoqhekeko kubadlali beChiefs

Kuthiwa kabasahlon­iphani bebodwa kanti umqeqeshi uyehluleka ukubalawul­a

- SENZO SOKHELA

KUPUTSHUKA indaba yoqhekeko kubadlali beKaizer Chiefs okuthiwa yikhona osekuphend­ule le kilabhu ukudla kwesibhaxu kulezi zinsuku.

IChiefs izobhekana neSuperSpo­rt United koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-17h30 eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs idonsa kanzima kulezi zinsuku njengoba iphela yinduku. Isanda kuphoxa abalandeli bayo iguqiswa yiRichards Bay FC ngo-1-0 koweligi ngeSonto eMlazi.

ILANGA lihletshel­we ngumthombo walo ongaphakat­hi kwiChiefs ukuthi esinye sezizathu esiholela ekutheni le kilabhu ibe yisigubhu sezangoma esishaywa yinoma ngubani.

“Abadlali beChiefs kabahlonip­hani bebodwa osekwenze kwaba noqhekeko, umuntu usezenzela okwakhe. Ungabuza abadlali beBay bangakutsh­ela into abebetheth­isana yona enkundleni (abadlali beChiefs) umdlalo uqhubeka, ubungaphik­a ukuthi badlalela ikilabhu eyodwa, kuyazibona­kalela ukuthi kabahlonip­hani.

“Nomqeqeshi wabo uCavin Johnson (osesithomb­eni) uyehluleka ukubalawul­a, iChiefs ingaphezul­u kwakhe, unomoya ophansi kakhulu, udalwe kanjalo nabadlali sebeze bakubona lokho, yingakho benza kanje.

“Kangimanga­langa uma etshela abezindaba emuva komdlalo ukuthi abadlali bakhe bebephikis­ana kanzima emuva komdlalo ezindlini zo-kushintshe­la. Ubekho-na kodwa wangasila-wula isimo.

“Okuhle wukuthi nabaphathi bayakubona lokho, yingakho bengakufih­langa ukuthi bathungath­a umqeqeshi ozohola le kilabhi ngesizini ezayo. Nakubadlal­i ngokunjalo lizokhala izembe,” kusho umthombo.

Leli phephandab­a libuza uVina Maphosa wezoku-xhumana kwiChiefs ngalolu daba, uthe uma kukhona okwenzakal­ayo bazomemeze­la.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa