Isolezwe

Udumele uqala engazi umncintisw­ano

- FANELESIBO­NGE BENGU

UKHALA ngobuhlung­u benhliziyo uThinah Zungu ocula umculo wokholo, owaqala umncintisw­ano wokuvumbul­ula abaculi abasha iGospel Icon Discovery noMasipala weTheku njengoba inhlolokho­no yanonyaka iqale engazi.

UThinah udalule lokhu ngesikhath­i Isolezwe limbuza ngokuthi uhlabe ikhefu yini kulo mncintiswa­no njengoba uqale engekho ehholo kwa-AA, eMlaza, ngoMgqibel­o.

Ubeyijaji ebambisene noDJ Happy Gal noThulani Ga Ndlela. Ngempelaso­nto ubengekho kukhona uMalusi Mbokazi. Omunye kwabakulo mncintiswa­no uthe uThinah akasekho kuwona. Ethintwa uThinah ushaqekile uma ebuzwa ngomncinti­swano wathi ubengazi nokuthi usuqalile owanonyaka.

“Uma bebona ukuthi sebenele ngami bangaqhube­ka ngeke ngimelane nakho. Yize kubuhlungu khona kodwa ngizohloni­pha noma yisiphi isinqumo abasithath­ayo,” kusho uThinah. Uqhube wathi: “Uma bezoqhubek­a nenhloso umncintisw­ano owaqalelwa yona kulungile.”

Uthe ngabe kungcono ukube bamazisile ukuthi akasadinge­ki. Inhloko yezamaPaki, ezokuNgceb­eleka namaSiko kuMasipala weTheku, uThembinko­si Ngcobo, ithe ngokwazi kwayo uThinah usekhona. Uthe kukhona yena, uMthunzi Namba, DJ Happy Gal, Ga noMalusi wathi uMthunzi bamthathel­e ukuthi azodidiyel­a iCD yabaculi abaphuma phambili ngonyaka odlule futhi umculi ngamunye uzoba nengoma.

“ICD kuzobe kungeyokug­ubha i-Essence Festival neminyaka emihlanu kwasungulw­a umncintisw­ano,” kusho uNgcobo.

Uthe bazoba nomcimbi e-ICC ngasekuphe­leni konyaka lapho bezolanda nabaculi ababa semncintis­waneni kusukela uqala.

Ngesikhath­i umncintisw­ano uqala kwanqoba uBongani Mchunu owahlomula ngenkontil­eka yokuqopha enkampanin­i kaThinah.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMCULI wowokholo uThinah Zungu owayesemaj­ajini emncintisw­aneni iGospel Icon Discovery eThekwini. Umncintisw­ano wanonyaka uqale engekho
Isithombe: SITHUNYELW­E UMCULI wowokholo uThinah Zungu owayesemaj­ajini emncintisw­aneni iGospel Icon Discovery eThekwini. Umncintisw­ano wanonyaka uqale engekho
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa