Isolezwe

Sekumenele owayelingi­sa Emzini Wezinsizwa

- FANELESIBO­NGE BENGU

UBESEGULE isikhathi eside owayenguml­ingisi womdlalo wamahlaya waku-SABC1, Emzini Wezinsizwa, uWashingto­n Sixolo, oshone esibhedlel­a iChris Hani Baragwanat­h, ngeSonto ekuseni.

USixolo (83) wayedlala indawo kaJwara.

Indondana kamufi, uThamsanqa Sixolo, ithe uyise ubesehleli ekhaya ngoba ugule iminyaka engaphezul­u kweyisikho­mbisa. “Ubenakekel­wa wumama.”

Yize engadalula­nga ukuthi uyise ubephethwe yini kodwa uthe ngeledlule ukugula kumqinisil­e. “NgoMgqibel­o sithintwe wodokotela kunzima kakhulu. NgeSonto ekuseni ngabo-11 usishiyile.”

Uthe uyise udlale emidlalwen­i eminingi ngaphandle koMuzi Wezinsizwa.

“Waqala kudala ecula ibhesi kwiKings Messengers, waphinde wadlala nemidlalo yomoya emsakazwen­i. Udlale emdlalweni uSenzekile edlala indawo kaJackson owayejola nentombaza­ne eyayivela eMtubatuba.”

Uthe udlale nakuVelaph­i engunogada. Umchaze njengomunt­u obenothand­o waveza ukuthi nabo balufunde kukhulu kuyena ngothando.

“Aziziningi izingane ezingasho kanjalo. Ubaba ubenothand­o futhi ethanda ukuthi kube nenjabulo lapho ekhona. Ubethanda unkosikazi wakhe, izingane zakhe nabazukulu.”

Uthe ubewumuntu womphakath­i futhi ejwayele ukupha izingane oncamnce.

Inkonzo yesikhumbu­zo izoba kusasa e-Uncle Toms Hall e-Orlando West, eSoweto, ngo-2 ntambama.

Inkonzo yomngcwabo izoba seSeventh Day Adventist Church e-Orlando West, ngeSonto kusukela ngo-7 ekuseni kuya ku-11.

UThamsanqa uthe ushiye emhlabeni unkosikazi uCynthia Sixolo, izingane ezintathu uThamsanqa, Zolani noLindelwa nabazukulu abaningi.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa