Isolezwe

Kusolwa nephoyisa etulweni lokusocong­a

- BONISWA MOHALE

LIBUYELA namuhla enkantolo iphoyisa elibhekene necala lokuhlela itulo lokusocong­a umfowabo wenkosi ongumbhish­obhi kwenye yezindawo eziseNyaka­tho neKwaZulu-Natal.

Leli phoyisa liboshwe nomfowabo nosibali walo okuthiwa labanjwa nabo behamba ngemoto iToyota Fortuner ngoLwesihl­anu olwedlule sebebuya kozama ukusoconga lo mfundisi ophinde abe nguthisha. Abasolwa kuthiwa baboshwa behlome ngezibhamu ezincane bengakujan­tshi wesitimela eMfekayi.

Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni uveze ukuthi ngoLwesihl­anu kunabantu ababepake imoto ngaphandle komuzi kamfowabo wenkosi kodwa bangehla emotweni. Kuthiwa imoto yama ngaphandle komuzi kodwa yagcina ngokuhamba ngoba bebona amalungu omphakathi esondela ngakuyo.

Kuthiwa laba basolwa bazithela phezu kwesivimba­mgwaqo, imoto yabo yamiswa.

Iphoyisa kuthiwa laveza isigqebhez­ana esikhombis­ayo ukuthi lingumuntu womthetho kodwa amaphoyisa aqhubeka nokusesha imoto.

“Abasolwa babanjwa behamba ngeToyota Fortuner efana neyenkosi yesizwe kanti umsolwa oyedwa wabaleka ngesikhath­i amaphoyisa esamise imoto kodwa amjaha ambamba esengene esikhothen­i. Umsolwa wesibili utholwe nesibhamu esifihle ngaphansi komata osesihlalw­eni esiseduze kwesomshay­eli.

“Umshayeli wemoto naye watholwa nesibhamu kodwa wathi sisemtheth­weni. Kuvele nokuthi iphoyisa lihlobene nondlunkul­u naye oyiphoyisa okuthiwa baveze ukuthi bebethunyw­e nguye ukuba bayobulala umfowabo wenkosi,” kusho umthombo othe abasolwa bahluleka wukusocong­a umfowabo wenkosi ngoba akazange aphume ngesikhath­i ajwayele ukuya ngaso esikoleni kodwa walibazise­ka.

Umfowabo wenkosi uthe ngeke aphawule ngalolu daba ngoba selusezand­leni zabomtheth­o.

Kuthintwa inkosi ibuze ukuthi ngabe ngubani otshele izintathel­i lolu daba.

“Wena ungishayel­a ucingo ungibuza izindaba, kungani ungabuzi inombolo kankosikaz­i? Angidingi ukwazi ukuthi ukuphi, wena uma udinga inombolo yomkami kufanele ufune yona hhayi ukuthi ungibuze izindaba zokusocong­wa kwabantu. Tshela loyo okunikeze udaba akunike inombolo kankosikaz­i,” kubhoka inkosi ngolaka.

Imizamo yokuthola uNdlunkulu ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a, akayiphend­ulanga ne-SMS athunyelel­we yona.

UCaptain Nqobile Gwala wamaphoyis­a KwaZulu-Natal ukuqinisek­isile ukuthi kuboshwe amadoda amathathu nezibhamu ezingekho emthethwen­i akade elandelwa ngamaphoyi­sa ophiko lwezobunhl­oli.

Uthe abasolwa babhekene necala lokuphatha izibhamu ezingekho emthethwen­i nezinhlamv­u kanti athweswe necala lokuhlela itulo lokubulala.

Abasolwa babingelel­e iMantshi yaKwaMsane ngoLwesihl­anu kanti bazobuyela enkantolo namuhla.

Ibamba likaKhomis­hana wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa lithe izibhamu ezitholwe kubasolwa zizoya kohlolwa ukuze kubhekwe kahle ukuthi ngabe azithintek­i yini kwamanye amacala obugebengu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa