Kuvalwe inkantolo ababhikishi bevale amasango
KUME ukusebenza enkantolo yeMantshi ePinetown, izolo ngesikhathi umphakathi waKwaDabeka obudinwe ukuthi le nkantolo inikeze amaphoyisa ophiko lwezinja aseNtshongweni ibheyili, uvala amasango enkantolo, ubhikisha.
Umphakathi ubufuna ukuthi umshushisi azochaza isizathu esiholele ekutheni angakuphikisi ukunikezwa kwebheyili, amaphoyisa amabili abhekene necala lokushaya nokulumisa njezinja, uMnuz Mthokozisi Mchunu ngo-Epreli 20.
Kuthiwa amisa imoto eyayishayelwa nguMchunu KwaDabeka ngalolu suku.
Afuna ngodli imali engu-R10 000 kuMchunu, walandula ase emlumisa ngezinja.
UMchunu ungumzala kaNomalungelo Precious Ncobela, odutshulwe wabulawa nendodakazi yakhe uNontobeko Vezi (13) kuyo le ndawo ngeledlule.
UNksz Ncobela kuthiwa nguyena owafakela lawa maphoyisa u-R6000 ezitolo, kwaShoprite nakwaSpar ethi uzama ukuhlenga umzala wakhe okwakuthiwa uzobulawa uma ingakhishwa le mali. Ubewufakazi kuleli cala. Ngemuva kokuthi inkantolo inike amaphoyisa ibheyili ka-R2 500 lilinye, umphakathi obuzolalela leli cala, uvuke umbhejazana wavala amasango ale nkantolo.
UNksz Nomusa Magwaza wophiko lwabesifazane lwe-ANC, KwaDabeka obekule mashi uthe inkantolo ayibabhekelanga abayizihlobo zikaMchunu yize sekuvelile ukuthi basengozini.
“Umthetho uthini ngokuvikelwa kwabanye abangofakazi? Ukungafakwa kwecala lenkohlakalo emacaleni ababhekene nawo kona kuchaza ukuthini ngoba avulwa kanye kanye. Liphi elokwesatshiswa kwakhe ngesikhathi kuthiwa akasule icala?” kubuza yena.
UMnuz Xolani Hlongwane weBhasobha Tsotsi uthe baphoxeke kakhulu ngebheyili ka-R2 500.
Inkantolo ivalwe amahora amabili umphakathi ubhikisha uvale amasango.
UNkk Natasha Kara wophiko lwezokushushisa esifundazweni uthe ukunikezwa kwebheyili akusona isinqumo sabashushisi kodwa sithathwa yinkantolo ngemuva kokucubungula ulwazi enikwe lona. Icala lihlehliselwe uJulayi 28.