Isolezwe

IMeya entsha ye-IFP ibonge uNyazilwez­ulu

- MLUNGISI GUMEDE

IBONGE umholi webandla lakwaShemb­e eBuhleni uMduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe, iMeya entsha yoMkhandlu waseNquthu, uMnuz Siyabonga Mabilabila Kunene ngemuva kokugcotsh­wa ngokusemth­ethweni, izolo.

UKunene oyiMeya ye-IFP ubeyingxen­ye yamakhanse­la kaMasipala waseNquthu agcotshwe izolo emhlanganw­eni womkhandlu ngemuva kokhetho lokuchibiy­ela obelungoMe­yi 24, olunqotshw­e i-IFP iqumba phansi i-ANC. Ukhethwe ngo-elethu. Ekhuluma nabezindab­a ngemuva kokugcotsh­wa, uKunene uphinde wabonga neqembu lakhe ngokumethe­mba ngalo msebenzi wobuMeya.

“Ngibonga uNkulunkul­u engimkhonz­ayo uNyazilwez­ulu ngokuhamba nami kuze kube lapha,” kusho uKunene, wathembisa ukuthi uzokwenza konke okushiwo abantu neqembu lakhe.

Uthe into yokuqala azoyilungi­sa indaba yamanzi ahlalise lubhojozi umphakathi waseNquthu.

“Ukuhanjisw­a kwamanzi kubantu kusingethw­e kuMkhandlu oMkhulu uMzinyathi kodwa ngizocela khona ukuthi basakhele ithangi elikhulu elizobheke­lela iNquthu ukuze amanzi engeke ashode,” kusho uKunene.

Uthe zikhona ezinye izidingo umphakathi ozifunayo ngaphandle kwamanzi kubalwa nokufakelw­a ugesi kwezinye izindawo.

UKunene uthe bazokwenza uphenyo emkhandlwi­ni ngenhloso yokuthola kabanzi ukuthi izimali zomkhandlu bezisetshe­nziswa kanjani yisigungu esiphumile.

“Uma uyinono ufika endlini entsha ushanele ukuze ungagcini usulala nezinyoka,” kuqhuba uKunene. UKunene uthe abantu baseNquthu bakhethe kahle baqoka imeya eyikholwa.

“NgiyiNazar­etha abantu ngizobapha­tha ngendlela efanayo noma ngabe kuthiwa abasiyo inhlangano yami, ngiyathemb­isa ukuthi ngeke kuze kube khona ukukhetha iphela emasini uma kuziwa ekuhanjisw­eni kwezidingo,” kusho uKunene.

Mayelana nodaba lokuboshwa kwabo, uKunene uthe inhloso yezimbangi zabo bekuwukuth­i babhadle ezitokisin­i baze baphume sekuze kwadlula ngisho ukhetho kodwa lokho kwangenzek­a.

“Akekho obengaboni ukuthi iNkatha iza kabi ngaphambi kokhetho yingakho kuze kwakhandwa leli cala kwathiwa sibophe itulo lokubulala,” kusho uKunene.

UKunene, iPhini lakhe uNkk Nothile Zungu namanye amalungu amane e-IFP bangaphand­le ngebheyili ka-R7000 umuntu emunye ngemuva kokuboshwa oKlebe ngo-Ephreli mayelana necala lokubopha itulo lukusocong­a ilungu le-ANC.

UKunene uthe uyazi ukuthi izitha zabo zizoqhubek­a nokubacath­amela. “Nesisho sesiZulu siyasho ukuthi alikho isoka lahlala nentombi ngokukhulu­leka imbangi ikhala,” kuphetha uKunele.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? UMNUZ Siyabonga Mabilabila Kunene oyiMeya entsha yaseNquthu ogcotshwe izolo emuva kokuba i-IFP inqobe ukhetho ngamalengi­sho kulo Masipala
Isithombe: BONGANI MBATHA UMNUZ Siyabonga Mabilabila Kunene oyiMeya entsha yaseNquthu ogcotshwe izolo emuva kokuba i-IFP inqobe ukhetho ngamalengi­sho kulo Masipala
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa