Ugcotshiwe umkhandlu waseNquthu
ATHWALE kanzima amaphoyisa abeqaphe isimo emagcekeni oMkhandlu waseNquthu izolo ngesikhathi ephebeza abalandeli be-IFP abebegcwele esangweni befuna ukungena ngaphakathi beyozibonela ukugcotshwa kweziphathimandla zikamasipala.
Ezokuphepha beziqinile ukugwema ukuthi umhlangano ungaphazamiseki.
Ukhetho lwezindawo eNquthu luze lwaqalwa phansi ngenxa yokuphazanyiswa kwemihlangano yokubeka iziphathimandla amahlandla amaningi.
Umhlangano wokugcina owawuseMgungundlovu nawo waphazanyiswa kwaqhuma nesibhakela.
Umgwaqo uMdlalose, odlula emahhovisi omkhandlu ubuvaliwe kugcwele amalungu e-IFP abecula ebongela nomholi wawo inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Amakhansela aqale afungiswa kwabe sekukhethwa uSomlomo, uMnuz Mbongeni Mnguni.
Ngemuva kokukhethwa kukaSomlomo kube sekukhethwa isigungu sekomiti elizolawula umkhandlu kwabe sekuvotelwa iMeya nePhini layo bobabili abakhethwe ngo-elethu.
Konke lokhu bekwenzeka phambi kwesikhulu esiphezulu kwa-IEC eKZN uMnuz Mawethu Mosery noNgqongqoshe wezoLimo uMnuz Themba Mthembu obemele uhulumeni wesifundazwe.
UMthembu ophinde abe ngushampeni we-ANC eMzinyathi ubemele noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZuluNatal, uNkk Nomusa Dube-Ncube obengekho. UNkk Dube-Ncube wayengekho futhi ngesikhathi kwethulwa imiphumela yokhetho wayemelwe uNgqongqoshe wamaCiko namaSiko, uNkk Bongi Sithole-Moloi.
Konke kubonakale kuhamba kahle umsinjwana usuke ngesikhathi sekuvotelwa ukuthi ngobani okumele bamele uMkhandlu waseNquthu, eMzinyathi. INquthu imelwe amakhansela amahlanu eMzinyathi.
Ikhansela le-IFP liphakamise ukuthi kube nezingqapheli zamaqembu uma sekuvotwa, uMosery wavuma kwabe sekuphakamisa othe umele i-ANC wabuza ukuthi sikuphi isidingo sezingqapheli.
UMosery ube esemchazela waze wamcaphunela nemithetho yokhetho nokusebenza kwemikhandlu.
Elinye ikhansela le-IFP lizwakele lihleba nelinye lithi: “Sebazama ukwenza lobu bugebengu babo yini bengafuni kugadwe ukuthi kuvotwa kanjani.”
Kugcinwe kukhethiwe, bathathu abamele i-IFP eMzinyathi nababili be-ANC.
Ethula inkulumo yakhe uMthembu, uncome izinga eliphezulu lokubekezelelana elikhonjiswe amaqembu ezombusazwe.
“Lokhu esikubonile kukhombisa ukuthi sesivuthiwe sifisa ukuthi umoya walapha eNquthu ubonakale nakwezinye izindawo,” kusho uMthembu.
Unxuse umkhandlu usebenzisane nazo zonke izinhlaka ngenhloso yokusheshisa ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini.