Isolezwe

Kumashe abamukela izingcingo u-10111

- KHULEKANI MASEKO

KUPHAZAMIS­EKE ukusebenza ezikhungwe­ni zokuphendu­lwa kwezingcin­go zabacela usizo oluphuthum­ayo zakwaSAPS, u-10111 ezifundazw­eni ezehlukene zakuleli, abasebenzi bemasha befuna ukunyuselw­a imiholo, izolo.

Abasebenzi abebemasha eThekwini, bathule uhlu lwezikhalo ekomkhulu lamaphoyis­a esifundazw­eni. Bafuna uhulumeni abuyekeze udaba lwamaholo abo, bakhala ngokuthi imiholo yabo mincane uma kuqhathani­swa nabanye ozakwabo abenza umsebenzi ofanayo bakweminye iminyango kahulumeni kuleli. Bakhala ngokungana­kwa kombiko wethimba eliyisipes­heli elajutshwa ngo2013 ukuthi libheke ukusebenza kwalezi zikhungo. Ngemuva kokuphothu­la ukusebenza kwalo ngoEphreli nyakenye kuthiwa leli thimba laphakamis­a ukuthi laba basebenzi bafakwe ngaphansi kwesigaba samaholo uLevel 7.

UMnuz August Mbhele ongumdidiy­eli weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) KwaZulu-Natal uthe: “Sifuna imisebenzi ephilisayo ngoba nathi singabazal­i sondla imindeni. Njengabavo­ti sifuna impilo engcono.”

Laba basebenzi bakhala ngokuthi umnyango wamaphoyis­a usuyazizib­a iziphakami­so ezenziwa yithimba eliyisipes­heli. Bafuna ukuthi bakhushule­lwe amaholo bese bekhokhelw­a nemali yokuwakhup­hula kusukela ngo-2013 ngesikhath­i kuqokwa ithimba ebelipheny­a.

Okhulumela uNgqongqos­he wamaPhoyis­a kuzwelonke, uMnuz Vuyo Mhaga uthe ukusebenza kuphazamis­ekile ezindaweni eziningi ngenxa yale mashi.

“Sisasezing­xoxweni zokuthi abasebenzi bezikhungo eziphendul­a izingcingo bangene ngaphansi kwamaphoyi­sa ukuze imisebenzi yabo ithathwe njengebuca­yi ukuze bangakwazi ukuba namamashi azophazami­sa ukusebenza. Incwadi yezethulo isifikile ehhovisi likaNgqong­qoshe, ihhovisi lisacubung­ula izikhalo zalaba basebenzi,” kusho uMhaga.

Uthe izifundazw­e ezithintek­ile obekuqhube­ka kuzo lawa mamashi yiKwaZulu-Natal, Eastern Cape, Western Cape naseGauten­g.

Mayelana nokungalin­gani kwemiholo, okhulumela uMnyango wezaBasebe­nzi baHulumeni nokuPhatha uMnuz Dumisani Nkwamba uthe eminye imiholo yabasebenz­a ezikhungwe­ni zokuphendu­la izingcingo inqunywa ehhovisi likangqong­qoshe osuke ephethe umnyango.

Abasebenzi banike uMnyango wezamaPhoy­isa umnqamulaj­uqu wamasonto amabili ukuthi uphendule kulezi zikhalo. Bekumasha abasebenzi abangamalu­ngu enyunyana yamaphoyis­a iSouth Africn Police Union (Sapu).

Khonamanja­lo, inyunyana iPolice and Prisons Civil Rights Union,(POPCRU) ithumele isitatimen­de esigxeka abasebenzi abebemasha. Okhulumela le nyunyana, uMnuz Richard Mamabolo unxuse amalungu abo ukuthi angaziband­akanyi nemashi, wathi igqugquzel­wa osomathuba abafuna ukufeza izinhloso zabo. Uveze ukuthi udaba lwemiholo yabasebenz­i luvele luyadingid­wa.

 ?? NDWALANE Isithombe: GCINA ?? UMNUZ August Mbhele weSaftu obehola imashi yabasebenz­i bophiko olwamukela izingcingo zabadinga usizo oluphuthum­ayo lwakwaSAPS u-10111 ebisuka eHoy Park yaphelela ekomkhulu lamaphoyis­a eThekwini, izolo
NDWALANE Isithombe: GCINA UMNUZ August Mbhele weSaftu obehola imashi yabasebenz­i bophiko olwamukela izingcingo zabadinga usizo oluphuthum­ayo lwakwaSAPS u-10111 ebisuka eHoy Park yaphelela ekomkhulu lamaphoyis­a eThekwini, izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa