UZikalala ugxeka uMchunu ngoqhekeko
USIHLALO we-ANC KwaZuluNatal uMnuz Sihle Zikalala usegxeke uMnuz Senzo Mchunu obengusihlalo waleli qembu ngokuthi nguyena odala uqhekeko kule nhlangano.
Esitatimendeni esifungelwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ephendula amalungu e-ANC afake isicelo sokuthi ingqungquthela yokukhetha ubuholi eyayibanjelwe eMgungundlovu ngo-2015 ithathwe njengento engekho, uZikalala ubeke isithombe sobuholi be-ANC obabuhlukene ngesikhathi isaphethwe nguMchunu, angena esihlalweni sakhe ngemuva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi eMgungundlovu. UZikalala uthe: - Izinqumo ezazimayelana nokunikezwa kwabantu umsebenzi zazithathwa ngaphandle kokwaziswa kwesigungu esiphezulu esilawula le nhlangano eKZN.
- Abaholi bamagatsha ale nhlangano banxenxwa ukuthi bangakwenzi lokho okwakuvunyelwene ngakho.
- UZikalala lwalumbukela phansi uhlangothi lukaMchunu esenguNobhala.
- Ukuhlulwa kukaMchunu nalabo ayehambisana nabo yikhona okwenze bayisa lolu daba enkantolo.
Ebuzwa ngalokhu uMchunu izolo yiMercury enguzakwabo weSolezwe, uphendule ngomqhafazo wathi: “Angazi ngalesi sitatimende esifungelwe sikaZikalala. Ngisekhaya. Bengingazi nanokuthi uzobhala ngami kuleli cala uma kunokuthize abekumele akubhale. Kuzomele ngisibone. Okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula ngaso.”
Emaphepheni athunyelelwe inkantolo ngoJulayi 2016, amalungu e-ANC okuyiwona avule icala, okungoLawrence Dube, Sibahle Zikalala, Martin Mzangwa, Mzweni Ngcobo noLindiwe Buthelezi, kuvela ukuthi kwaba nokugxambukela emiphumeleni yokhetho lwango-2015.
Okunye okuvezwa yila malungu wudaba lokukhiswa kwemiphumela ngaphambi kwesikhathi kusetshenziswa inkundla yokuxhumana uTwitter, ku@myANC ekubeni ukhetho lusaqhubeka.
La malungu athi amele amagatsha angu- 43, aveza nokuthi kwaba khona okungahambi kahle kwamanye amagatsha e-ANC. La malungu athi le ngqungquythela yokukhetha ubuholi yaba ngaphambi kwesikhathi okwakumele ihlale ngaso.
UZikalala uchaze la malungu njengabantu abagcwele intukuthelo kanti nesikhalo sawo asicaci.
Uphinde wathi amaqembuqembu kwi-ANC aqale ngemuva kokuqokwa kukaMchunu njengosihlalo wesifundazwe kwi-ANC.
La malungu akhala nangokuthi azama konke ukuxazulula le nkinga esebenzisa izindlela zangaphakathi eqenjini kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
UZikalala uthi kwakungeke kulunge ukubuyisela ingqungquthela emuva ngoba kunezimali eziningi ezaphuma ngesikhathi ihlanganisa, kwaba u-R12million ukuyihlanganisa.
Ukulalelwa kwaleli cala kuzoqhubeka ngo-Agasti.