Isolezwe

UZikalala ugxeka uMchunu ngoqhekeko

- BHEKI MBANJWA

USIHLALO we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Sihle Zikalala usegxeke uMnuz Senzo Mchunu obengusihl­alo waleli qembu ngokuthi nguyena odala uqhekeko kule nhlangano.

Esitatimen­deni esifungelw­e eNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu, ephendula amalungu e-ANC afake isicelo sokuthi ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi eyayibanje­lwe eMgungundl­ovu ngo-2015 ithathwe njengento engekho, uZikalala ubeke isithombe sobuholi be-ANC obabuhluke­ne ngesikhath­i isaphethwe nguMchunu, angena esihlalwen­i sakhe ngemuva kwengqungq­uthela yokukhetha ubuholi eMgungundl­ovu. UZikalala uthe: - Izinqumo ezazimayel­ana nokunikezw­a kwabantu umsebenzi zazithathw­a ngaphandle kokwaziswa kwesigungu esiphezulu esilawula le nhlangano eKZN.

- Abaholi bamagatsha ale nhlangano banxenxwa ukuthi bangakwenz­i lokho okwakuvuny­elwene ngakho.

- UZikalala lwalumbuke­la phansi uhlangothi lukaMchunu esenguNobh­ala.

- Ukuhlulwa kukaMchunu nalabo ayehambisa­na nabo yikhona okwenze bayisa lolu daba enkantolo.

Ebuzwa ngalokhu uMchunu izolo yiMercury enguzakwab­o weSolezwe, uphendule ngomqhafaz­o wathi: “Angazi ngalesi sitatimend­e esifungelw­e sikaZikala­la. Ngisekhaya. Bengingazi nanokuthi uzobhala ngami kuleli cala uma kunokuthiz­e abekumele akubhale. Kuzomele ngisibone. Okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula ngaso.”

Emaphephen­i athunyelel­we inkantolo ngoJulayi 2016, amalungu e-ANC okuyiwona avule icala, okungoLawr­ence Dube, Sibahle Zikalala, Martin Mzangwa, Mzweni Ngcobo noLindiwe Buthelezi, kuvela ukuthi kwaba nokugxambu­kela emiphumele­ni yokhetho lwango-2015.

Okunye okuvezwa yila malungu wudaba lokukhiswa kwemiphume­la ngaphambi kwesikhath­i kusetshenz­iswa inkundla yokuxhuman­a uTwitter, ku@myANC ekubeni ukhetho lusaqhubek­a.

La malungu athi amele amagatsha angu- 43, aveza nokuthi kwaba khona okungahamb­i kahle kwamanye amagatsha e-ANC. La malungu athi le ngqungquyt­hela yokukhetha ubuholi yaba ngaphambi kwesikhath­i okwakumele ihlale ngaso.

UZikalala uchaze la malungu njengabant­u abagcwele intukuthel­o kanti nesikhalo sawo asicaci.

Uphinde wathi amaqembuqe­mbu kwi-ANC aqale ngemuva kokuqokwa kukaMchunu njengosihl­alo wesifundaz­we kwi-ANC.

La malungu akhala nangokuthi azama konke ukuxazulul­a le nkinga esebenzisa izindlela zangaphaka­thi eqenjini kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

UZikalala uthi kwakungeke kulunge ukubuyisel­a ingqungqut­hela emuva ngoba kunezimali eziningi ezaphuma ngesikhath­i ihlanganis­a, kwaba u-R12million ukuyihlang­anisa.

Ukulalelwa kwaleli cala kuzoqhubek­a ngo-Agasti.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa