Isolezwe

Imali eyachithwa kweze-New Age

- MAYIBONGWE MAQHINA

UMNYANGO wezokuXhum­ana ngonyaka odlule uchithe imali ecishe ifinyelele ku-R1million ezithangam­ini nosomabhiz­inisi ezigqugquz­elwa yiphephand­aba eliphethwe ngabakwaGu­pta, iNew Age.

UNgqongqos­he womnyango, uNkk Ayanda Dlodlo, ukusho lokhu ephendula ilungu leDA, UChristian Hunsinger izolo. “Umnyango uchithe u-R988 689.84 esidlweni sasekuseni esithangam­ini esasihlelw­e yileli phephandab­a,” kusho uNkk Dlodlo.

Uthe lokhu kwenzeke ngesikhath­i ungqongqos­he walo mnyango kusenguNkk Faith Muthambi.

Lokhu okuveziwe kwenze ukuthi iqembu eliphikisa­yo lihlabe ikhwelo lokuthi akudutshwe imithombo yezindaba ephethwe yilo mndeni okubalwa kuyo iThe New Age (TNA) ne-ANN7.

“Akusiyona imfihlo ukuthi iTNA inyuswe ngezigidi zemali eyayiqhamu­ka eminyangwe­ni kahulumeni nezinkampa­ni zikahulume­ni ezaxhasa lesi sidlo ngezimali,” kusho okhulumela iDA uNksz Phumzile van Damme.

Uthe imithombo yezindaba yabakwaGup­ta isekelwe ngemali yabakhokhi bentela waveza nephuzu lapho uhulumeni wesifundaz­we iFree State etshale imali kule mithombo.

Uthe selokhu kuputshuke ama-e-mail imithombo yezindaba yabakwaGup­ta yenza konke okusemandl­eni ukukhohlis­a umphakathi.

“Sekuyisikh­athi sokuthi siyeke ukuchitha isikhathi sethu ngeTNA ne-ANN7. Kumele siyeke ukuxhasa ngemali isiteshi i-ANN7 nephephand­aba iTNA ukuze sibavimbe emkhankasw­eni wabo wokufafaza okungesilo iqiniso,” kuqhuba uNksz van Damme.

Indaba yesithanga­mi sosomabhiz­inisi kulindelek­e ukuthi ibuyekezwe njengoba ibhodi lesikhasha­na lakwa-SABC lethule izincomo.

Ngenyanga edlule ilungu lebhodi, uKrish Naidoo, litshele ikomiti lezokuxhum­ana ukuthi seliyibhal­ile incwadi eya ephephanda­beni iTNA licela umhlangano wokuthi kudingidwe inkontilek­a abakuyo ne-SABC.

Ukulalelwa kwezethulo mayelana nokubandak­anyeka kwe-SABC kulesi sidlo kwaqubula ukudideka.

Kwavela ukuthi nguMnuz Hlaudi Motsoeneng owayeseqhu­lwini kuhlewa imihlangan­o noMnuz Tony Gupta ngo-2011.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa