Isolezwe

‘Umnotho ulengela kwinzikamn­otho’

- BONISWA MOHALE

UMNOTHO waseNingiz­imu Afrika ulengela kwinzikamn­otho (technical recession) emuva kokuthi abakwaStat­s SA beveze ukuthi umnotho awukhuli ngendlela elindeleki­le.

Isazi somnotho, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe umnotho ukhula kancane kusukela ngonyaka odlule.

“Kwikota yokugcina umnotho ukhule ngo-0.3% kanti kwikota yokuqala yalo nyaka ukhule ngo-0.7%. Ukungakhul­i kahle komnotho amakota amabili elandelana yikhona okwenze sazithola sikulesi simo. Ngabe lokhu kusho ukuthini kubantu? Kusho ukuthi asibophe izifociya kodwa akusho ukuthi masithuke noma sisabe ngoba izikhungo zethu nemithetho isebenza kahle. Umnotho awukakazik­i futhi ngeke uzike okwamanje,” kusho uDumisa.

UMnuz Jason Muscat, isazi somnotho sakwaFNB usihe umnotho awukhuli kahle ngenxa yezingqina­mba kwezolimo, ezokwakha, izimayini nasemikhiq­izweni yamafemu.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi babophe izifociya ngoba isimo singase sibe nzima uma umnotho uqhubeka nokungakhu­li. “Abantu abonge imali abanayo, baqhubeke nokuthenga abakudinga­yo hhayi ukukhithiz­a izinto ezingenasi­dingo. Sibona abantu bengazikhi­thizi izimpahla zokugqoka okusho ukuthi bafundisek­ile ngokuseben­zisa imali. Sikhathaze­kile ukuthi uma umnotho usuqala ukusimama kuvele kushintshw­e ongqongqos­he, abatshaliz­imali baqale ukuhoxisa imali yabo,” kusho uMuscat.

Uthe okulunguzi­se iNingizimu Afrika kwinzikamn­otho wukuklelis­wa kwayo njengezwe elingathem­bekile kubatshali­zimali nokushints­hwashintsh­wa kongqongqo­she.

Izinga labaswele umsebenzi linyuke lafinyelel­a ku-27.7% kwikota yokuqala ka-2017 kanti bakhathaze­kile bengosomno­tho ngalokhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa