Isolezwe

Ihlombe ngodilika onikwe umdlwengul­i

- INTATHELI YESOLEZWE

SISHAYELWE ihlombe isigwebo sikadilika­jele esinikwe indoda yaseMpange­ni eneminyaka engu45 elahlwe yicala lokudlweng­ula indodakazi yayo yagcina ngokukhule­lwa.

Le ndoda igwetshwe ngoMsombul­uko enkantolo yesiFunda eMpangeni ngemuva kokulahlwa yicala lokudlweng­ula indodakazi yayo okuthiwa yaqala ukuyinukub­eza ineminyaka engu8 yaze yakhulelwa isineminya­ka engu-11. Le ndoda yabanjwa ukuthi ibigila indodakazi yayo le mikhuba ngesikhath­i iyihambise emtholampi­lo iphethwe yisisu. Kwatholaka­la ukuthi ikhulelwe, umgilwa watshela unesi ukuthi nguyise obemnukube­za uma unina engekho.

Ingane yale ntombazane eyayisinez­inyanga ezingu-8 ikhulelwe kuthiwa yayibeleth­a, yashona.

UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZuluNat­al, uNkk Weziwe Thusi, uthe akazi ukuthi umuntu odlwengula indodakazi yakhe usuke engenwe yimuphi umoya kodwa uyajabula ukuthi amaphoyisa nezinkanto­lo bakhona ukukhombis­a ukuthi abenza izinto ezinje angeke babekezele­lwe.

“Le ndoda ibifanelwe wudilikaje­le ewutholile ngoba imoshe impilo yengane,” kusho uNkk Thusi.

Useyalele abezenhlal­akahle ukuthi baqhubeke nokululeka ngokomqond­o umgilwa nonina ukuze balapheke ngokuphele­le.

Iqembu i-EFF nalo lisamukele isigwebo lancoma ukusebenza kophiko lwezobulun­giswa ikakhuluka­zi kuleli cala.

Esitatimen­deni esithunyel­we ngokhulume­la i-EFF uMnuz Mbuyiseni Ndlozi, leli qembu lithi kubuhlungu kakhulu ukuthi amadodakaz­i akakwazi ukuqinisek­isa ukuthi aphephile noma ehleli noyise.

I-EFF ithe ifuna ubulungisw­a obufanayo odabeni lokudlweng­ulwa nokubulawa kukaNksz Courtney Pieterse, wase-Eerster Rivier okuboshwe isiqashi ngokugilwa kwakhe.

I-EFF ithe imiphakath­i kumele iqhubeke iqaphele yenze nemizamo yokulwa nodlame olubhekisw­e ezinganeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa