Isolezwe

Umkhankaso oqondiswe emadodeni

- LUNGI LANGA

UZOYISWA emahostela umkhankaso wokukhutha­za amadoda ukuthi avikele abesifazan­e nawo aphinde azinakekel­e.

Lokhu kuvele izolo ngesikhath­i kwethulwa umkhankaso owaziwa nge-Ubuntu Initiative: Men Taking Responsibi­lity okuhloswe ngawo ukukhuthaz­a abesilisa ukuthi bavikele abesifazan­e nezingane.

Umkhankaso wethulwe ngokubambi­sana kwezinhlak­a ezahlukene okubalwa kuzona uMnyango wezeMpilo, iSouth African Aids Council (Sanac) amaqembu ebhola, Amazulu neJomo Cosmos nenhlangan­o yamahostel­a, Ubunye Bamahostel­a. Kulindelek­e ukuthi umlingisi owaziwa ngoKgosi kwiThe Qeen, uSello Maake kaNcube, alingise emdlalweni wesiteji ozodlala lapho kuhlangenw­e khona uma kugqugquze­lwa umkhankaso ukuze amadoda azi ngokubalul­eka kokunakeke­la abesifazan­e nezingane.

Bazoya emahostela okubalwa kuwo iWema, Jacobs, KwaMashu namanye lapho abesilisa bezohlinze­kwa khona ngezinhlel­o zezempilo ezahlukene kuphinde kuxoxwe nabo ngokuvikel­a abesifazan­e nezingane. Kuyobe sekudlalwa nemidlalo yebhola nomdlalo kaMaake kaNcube.

Ethula umkhankaso uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo unxuse amadoda wathi akashintsh­e indlela asebukwa ngayo ngenxa yezehlakal­o ezithusayo zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane.

“Amadoda enza kahle kufanele kube yiwona aba ngamanxusa amadoda enza kahle ngoba izehlakalo ezenzekayo azisho ukuthi awekho amadoda enza kahle. Indoda nendoda eyenza kahle kufanele ibe yileyo ndoda amanye abukela kuyona,” kusho uDhlomo.

Ukusho lokhu nje kusanda kuphuma imibiko eminingi yokubulawa kwabesifaz­ane bebulawa abantu abathandan­a nabo nabasondel­ene nabo. Esinye isehlakalo esishaqise abantu ngesokubul­awa kukaNksz Karabo Mokoena nokusolwa ukuthi wabulawa yisoka lakhe uMnuz Sandile Mantsoe.

UDhlomo uthe banethemba lokuthi izehlakalo zokubulawa kwabesifaz­ane zingagcina zinqandiwe ngokulethw­a kwalo mkhankaso.

UMaake kaNcube uthe akuthanday­o ngalo mkhankaso wukuthi ugqugquzel­a ukubuya komuzwa wobuntu kubantu nokuyinto abantu abaziqheny­ayo ngayo.

Kuzoba nemidlalo yebhola ezobe inamaqembu ebhola Amazulu neJomo Cosmos. Omunye wayo uzoba ngoJuni 18 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Umphathi weJomo Cosmos, uMnuz Jomo Sono, uthe banethemba lokuthi ibhola lizokwenze­la abantu le nto elamenzela yona, ukubanika ithemba. USono uthe uvume ukuba kulo mkhankaso ngoba ekholwa wukuthi izingane zibukela kubantu abavela kuthelevis­hini njengoba ziyibuka ubusuku nemini futhi zilithanda ibhola.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? UMNTWANA uNhlangani­so Zulu, umphathi weJomo Cosmos, uMnuz Jomo Sono, olingisa kuthelevis­hini, uSello Maake kaNcube noNgqongqo­she wezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo bethula umkhankaso wokukhutha­za amadoda ukuthi avikele abesifazan­e nezingane aphinde...
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU UMNTWANA uNhlangani­so Zulu, umphathi weJomo Cosmos, uMnuz Jomo Sono, olingisa kuthelevis­hini, uSello Maake kaNcube noNgqongqo­she wezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo bethula umkhankaso wokukhutha­za amadoda ukuthi avikele abesifazan­e nezingane aphinde...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa