Isolezwe

Ukhuthaze abezempilo ehlonishwa

- LUNGI LANGA

UKHUTHAZA abasebenzi bezempilo ukuthi baphathe iziguli ngendlela abangafisa ukuphathwa ngayo umphathi wabahlengi­kazi wasesibhed­lela saseKoksta­d, i-East Griqualand and Usher Memorial ohlonishwe ngomsebenz­i wakhe.

UNksz Thembisa Nxokweni ungomunye wabasebenz­i abasanda kuhlonishw­a ngezindond­o nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo ngomsebenz­i wabo omuhle. Uthole indondo yokuba ngumhlengi­kazi ovelele ngenxa yomsebenzi awenze kusukela efike kulesiya sibhedlela ngo-2014. Uhlonishwe emcimbini i-MEC’s Annual Service Excellence Awards (MASEA) 2016/17 ngoLwesihl­anu, obekunguny­aka wesine wenziwa.

UNksz Nxokweni ungumatron emagunjini abhekele ukunakekel­wa komama abakhulelw­e, ababeletha­yo, asebebelet­hile nawezingan­e kulesi sibhedlela. Uthe ukholwa wukuthi uklonyelis­we ngendondo ngenxa yoshintsho alulethe kulawa mawadi kusukela eqalile ukusebenza kulesi sibhedlela.

Ngokusho kwakhe, bezilingan­iselwa ku-35% kuya ku-40% izingane ebezishona zisanda kuzalwa. Lesi sibalo sesehle safinyelel­a ku-11% futhi unethemba lokuthi sizoqhubek­a nokwehla. Uthe seziyaphel­a izinyanga ezintathu ingekho ingane eshonayo.

Ngaphandle kwalokhu ulethe uhlelo lokuhambel­a iziguli emakhaya azo ngenhloso yokuthi bangazilin­di zona zizizele esibhedlel­a.

“Into engiyaye ngiyikhuth­aze kubantu engisebenz­a nabo wukuthi sinike umphakathi usizo lwezempilo esingathan­da ukunikwa lona nathi. Kusukela ngifikile la ngikhuthaz­e abasebenzi ukuthi siqikelele ukuthi ayikho ingane eshonayo,” kusho uNksz Nxokweni.

Useneminya­ka engu-21 aqala ukuba ngumhlengi­kazi kodwa ubeqala ukuhlonish­wa okunje nguNqongqo­she. “Ngathuka, ngajabula kakhulu ngesikhath­i ngithola ukuthi ngithole indondo. Bengingali­ndele ukuthi umsebenzi wami la ekhoneni lami usungaze ubonwe ngungqongq­oshe. Lokhu kuyangigqu­gquzela ukuthi ngiqhubeke ngisebenze ngokuzimis­ela nethimba lami.”

Uthe bazimisele ukwenza okukhulu kunalokhu asebekwenz­ile. Kuyimanje useqalile ukuxhumana nabaholi bomphakath­i ngokuletha ezinye izinhlelo emphakathi­ni njengokuqw­ashisa umphakathi ngobungozi bokuchatha izingane.

Ukwenzile lokhu ngesikhath­i eqwashisa ngokubalul­eka kokuncelis­a izingane nezinye izinhlelo kwayimpume­lelo unethemba lokuthi namanje kuzoba njalo. “Nginenkole­lo yokuthi kufanele siphume thina siye emphakathi­ni singalindi abantu ukuthi baze esibhedlel­a.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ THEMBISA Nxokweni ohlonishwe nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo ngokuba ngumhlengi­kazi ovelele
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ THEMBISA Nxokweni ohlonishwe nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo ngokuba ngumhlengi­kazi ovelele
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa