Akasalali ngendodana engangcwabeki
ABUSEHLI ubuthongo kowesifazane waseMatheni, KwaNongoma, osekuphele izinyanga ezinhlanu engakwazi ukufihla isidumbu sendodana yakhe ngenxa yokulinda imiphumela yolibofuzo.
UNkk Agnes Mnguni (75) utshele Isolezwe ukuthi indodana yakhe uMnuz Mhlonipheni Mnguni (30) yabulawa, yashiswa ehostela, KwaMashu ngoJanuwari ivakashele intombi.
Uthe bathola umbiko wokuthi indodana yakhe yasolwa ngobugebengu yabe isishaywa wumphakathi yashiswa.
UNkk Mnguni uthe selokhu kwashona indodana yakhe, basalinde imiphumela yolibofuzo, abakwazi ukuyifihla.
“Ngiphatheke kabi kakhulu ngalokhu. Angisakhaleli nokuthi kube khona ababoshwayo kodwa sengifisa ukuthi okungenani ngimfihle ngibone ithuna lomntanami ngisaphila noma ngifa ngazi ukuthi indodana yami nayo ilele ngokuthula,” kubalisa uNkk Mnguni.
Uthe amaphoyisa amphala ulimi ukuze kuyoqhathaniswa ulibofuzo kodwa kuze kube manje akukho okuqhubekayo.
UMnuz Sicelo Mnguni ongumfowabo kamufi uthe usola intombi ngokubulawa kukamfowabo.
“Besihlala ndawonye ehostela, esebenza kwa-Unilever. Ngosuku ashona ngalo ubephuma u-9 ebusuku emsebenzini. Ushayele ucingo intombi yakhe, wasola ukuthi kukhona owesilisa ehleli naye ngesikhathi eyizwa ikhulumela phansi. Unqume ukuyoyibheka, kanti ngase ngimbona okukugcina,” kusho uMnguni.
Uthe ekuseni wathintwa ngabathile bathi kunomuntu otholwe eshisiwe ngaphakathi ehostela, wathi nakuba wayengasabonakali kodwa izicathulo nesikhwama semali esasinesithombe sakhe esincane kwatholwa endaweni yesehlakalo.
“Izinyawo zazingashanga zazisabonakala. Abazizwela eshaywa, bathi kwamemeza lona wesifazane ekhala ngesigebengu esingene endlini yakhe. Ngalezo zinsuku bekunomuntu obesekhathazile obengena ezindlini zamantombazane azame ukuwadlwengula. Ngisola ukuthi ngesikhathi intombi yakhe imemeza umphakathi wavele wacabanga ukuthi nguyena lowo muntu,” kuqhuba uMnguni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe nakuba singekho isikhathi esiqondile esibekelwe ukuphothulwa kolibofuzo, kodwa akusiyona into esheshayo.
Uthe kuphenywa icala lokubulala kanti akukaboshwa muntu.