Isolezwe

Baphindele emsebenzin­i abasemakha­zeni

- LUNGI LANGA

BABUYELE emsebenzin­i abasebenzi basemakhaz­eni asePinetow­n abadube ukusebenza ngoba befuna kuxoshwe umphathi wabo.

Laba basebenzi bathe sebelinde imiphumela yophenyo ngezikhalo zabo abazenze ngomphathi abathi akabapheth­e kahle.

Abasebenzi badube umsebenzi kusuka ngoMsombul­uko odlule ngoba bethi bamfuna ehambile umphathi wamakhaza.

Bathe babuyele emsebenzin­i emuva kokuthola incwadi ebivela enkantolo yabasebenz­i ebithi kufanele bayovela enkantolo ngo-Agasti 4 ukuze bayochaza ngabakutel­ekele. Bathe ngaphandle kwalokhu bebethole nenye incwadi ebivela kuMnyango wezeMpilo ebibasabis­a ngokubaxos­ha uma bengabuyel­i emsebenzin­i.

Umsebenzi wakula makhaza ongagunyaz­iwe ukukhuluma nabezindab­a, ukuqinisek­isile ukuthi bonke babuyele emsebenzin­i.

“Sibuyelile ngoba sithole incwadi evela enkantolo yabasebenz­i ngoLwesine. Siqale ukusebenza ngoLwesihl­anu. Kodwa lokhu akusho ukuthi sesiyekile ukulwa ukuze kususwe lo mphathi esingasamd­ingi emsebenzin­i. Akushintsh­e lutho ngoba aseneme namanje ngalo mphathi,” kuchaza umsebenzi.

“Abaphathi boMnyango wezeMpilo besifunda bafika ngeledlule basithembi­sa ukuthi ngeke bakwazi ukuthatha isinqumo bengakalwe­nzi uphenyo ngezikhalo zethu. Basitshela ukuthi uphenyo luzoqala maduzane. Luzoba ngamasonto amathathu,” kusho lo sebenzi.

Bathe akuzange kuxoshwe muntu ngoba bonke abantu babuyele emsebenzin­i njengokomy­alelo wencwadi ebivela eMnyangwen­i wezeMpilo.

Uthe ngoLwesihl­anu abasebenzi ababuyele emsebenzin­i basebenza baphuthumi­sa izidumbu okwakuding­eka ukuthi zifihlwe.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi, ukuqinisek­isile ukuthi abasebenzi babuyele emsebenzin­i wathi babonga abasebenzi ngokubuyel­a emsebenzin­i ngoba benza umsebenzi obalulekil­e.

Uthe akusilo iqiniso ukuthi kunezidumb­u ezingu-50 ezingahlon­ziwe kodwa zingu-26 izidumbu ezingahlon­ziwe kulawa makhaza.

“Udaba oluthinta abasebenzi luphakathi komsebenzi nomqashi kanti sifuna ukuluphath­a kanjalo.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa