Isolezwe

‘Ingane iyamdinga uyise empilweni’

- ZANELE MTHETHWA

KUDALA bekujwayel­ekile ukuthi izingane zikhule ngaphandle koyise ngoba bebehamba bayofuna amatoho emadolobhe­ni izingane zisale nonina.

Le mpilo ijwayeleki­le emindenini eminingi yabamnyama lapho ngisho izingane zabafana ziphoqelek­a ukuthi zisondele kakhulu konina ngenxa yokungasit­holi isikhathi esiningi noyise.

Ucwaningo olwenziwa ngo-2013 yiCentre for Social Developmen­t in Africa, yiSonke Gender Justice Network ne-University of Johannesbu­rg lwaveza ukuthi ezinganeni ezilishumi zabamnyama ezingaphan­si kweminyaka engu-15 zine ezihlala noyise. Lokhu kwathiwa kudalwa yisikompil­o labamnyama njengoba kwesinye isikhathi ubaba enqatshelw­a ukubona ingane yakhe ngoba engayihlaw­ulanga. Kuthiwa ezinye zalezi zingane zigcina zingabazi nhlobo oyise ezinye zibabone uma kunesiding­o esiqavile.

UMnuz Thami Ngubeni (28) waseNewcas­tle ungufakazi wokuthi kunzima kanjani ukukhula ngaphandle kukababa ikakhuluka­zi uma ungowesili­sa. UNgubeni, ongumsungu­li wenhlangan­o Izingane Zobaba, uthe akafisi ukuthi ezinye izingane zifane naye. Wakhuliswa nguninakhu­lu ngemuva kokuba uyise ashada nomunye umama nonina washadela kwenye indawo. Le nhlangano uyisungule ngonyaka odlule ngoba efuna ukuqinisa ubudlelwan­o phakathi kobaba nezingane.

“Kumele ushintshe umqondo wokuthi ngumama okumele abhekane nezingane. Ngisho emsebenzin­i wesikole kumele obaba balibambe iqhaza. Kunobaba abangakwaz­i ukusondela­na nezingane zabo ngoba bevinjelwa wonina bazo asebehluke­ne nabo. Konke lokho kumele kushintshe ngoba ingane iyamdinga ubaba,” kuchaza uNgubeni.

Uphawula nokuthi kwande ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane nje yingenxa yomkhuba wokuqhelel­ana phakathi kobaba nezingane.

“Uma izingane zamantomba­zane zingafundi­swa zisencane ukuthi uthando lomuntu wesilisa lutholakal­a kubaba kunganciph­a ukuthi zikhohlisw­e amasoka. Angikaze ngikhulele ngaphansi komshado futhi ngiye ngicabange ukuthi ngabe kungcono ukube ubaba wayeseduze kwami,” kuchaza uNgubeni.

UNgubeni uthe kule nhlangano yabo kukhona abesilisa abasathand­ana nonina bezingane kanti abanye sebehluken­e nabo. Obaba bayahlanga­na bacobelela­ne ngolwazi ngezindlel­a zokukhulis­a izingane nangezinse­lelo ababhekana nazo. Bafika nazo izingane badlale imidlalo ehlukene nazo ukuze bajwayele ukuchitha isikhathi ndawonye. UNgubeni, onendodaka­zi eneminyaka emine, uthe okwamanje banamadoda angu-15 enhlanganw­eni yakhe kanti bafisa ukuthi kwande isibalo.

UMnuz Sandile Ndaba (32) onendodaka­zi eneminyaka eyisihlanu, olindele indodana ezozalwa ngo-Agasti, uthe wakhula engenalo ithuba lokuba nobudlelwa­no noyise angakaze ahlale naye. Yize uyise ayemondla kodwa uthi asizange sivaleke isikhala sakhe.

“Bengizizwa sengathi ngilahliwe ngoba bengingazi­tholi iziyalo zikababa. Ngibone ukuthi ziningi izingane ezifana nami ezikhule zingenabo oyise. Lokhu kuze kuthathwe njengento eyamukelek­ile emindenini yabamnyama yingakho sifuna ukuyiqeda. Sinemiphak­athi enodlame nje yingoba abantu bakhule benemibuzo engaphendu­leki ngoyise. Njengobaba abasebanca­ne sifuna ukuqeda lolu khondolo. Akudingi ukuthi uze ushade nonina wengane ukuze usondelane nayo,” kusho uNdaba.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMNUZ Thami Ngubeni osungule inhlangano ekhuthaza ubudlelwan­o kobaba nezingane enendodaka­zi yakhe uSnothando athi bangamathe nolimu
Isithombe: FACEBOOK UMNUZ Thami Ngubeni osungule inhlangano ekhuthaza ubudlelwan­o kobaba nezingane enendodaka­zi yakhe uSnothando athi bangamathe nolimu
 ??  ?? UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa