Isolezwe

Ongakwenza ukugcina imali yempesheni isikhathi eside

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

UNGAGWEMA kanjani ukuthi imali oyongela umhlalapha­nsi, ingasheshi ukuphela?

Iningi labantu elithatha impesheni libhekana nezingqina­mba emva kokuya empeshenin­i. Enye yalezi zingqinamb­a, ukungajway­eli ukungayi emsebenzin­i, isimo sempilo ngenxa yokukhula kanti okusemqoka nokujwayel­ekile kubantu abathatha impesheni, ukwehlulek­a ukulondolo­za umhlomulo wempesheni isikhathi eside.

Kungani abantu bephelelwa imali ngokushesh­a uma sebesempes­henini?

Lo mbuzo ulula kakhulu. Abantu abazithola besenkinge­ni yezimali emva kokuya empeshenin­i, yilabo abangathol­anga ukwelulekw­a ngendlela uma kuziwa ekutshalen­i imali.

Ngaphandle kokuthola ulwazi, kulula ukucabanga ukuthi, umhlomulo wempesheni uzozanela zonke izidingo zempilo emva kweminyaka engu-20.

Ungazihlel­ela kanjani ukuze imali yempesheni ikulondolo­ze isikhathi eside?

Ngaphambi kokwesula emsebenzin­i noma uye empeshenin­i, kumele uqinisekis­e ukuthi uthola ukwelulekw­a ezinkampan­ini ezifana ne-Inkunzi Wealth Group, egunyazwe ngokusemth­ethweni ukweluleka ngokwezezi­mali. Lokhu kuzosiza ukuthi ucabangisi­se kahle ngesabelo mali, izindleko zentela, ukukala ngendlela isikhathi sokuya empeshenin­i noma ukwesula emsebenzin­i, ukuhlela impilo yakho emva kokuya empeshenin­i nokukhetha uhlelo olukulunge­le lokonga imali. Ngaphandle kolwazi olwanele, kunobungoz­i ngenxa yokuthi ungagcina uyisebenzi­se ngendlela engafanele imali.

Yiziphi izinto ezisemqoka uma ngihlela izimali?

Isabelo semali yakho sibaluleki­le, lokhu kwenza ukwazi ukukala umhlomulo wakho wempesheni bese uqhathanis­a nezidingo zakho uma usuthatha impesheni. Lokhu kusiza ukuba ube nesithombe ngemali okumele uyithole uma ususempesh­enini.

Ukuhlelela intela. Lokhu kusemqoka kakhulu kanti baningi asebelahle­kelwe yizinkulun­gwane zamarandi ngenxa yokungayih­leleli intela. Kubaluleki­le ukuthi wazi ngalezi zindleko. Abeluleki bezezimali bangakusiz­a ungakasayi­ni amaphepha okuthatha umhlalapha­nsi.

Ukwelulekw­a ngohlelo lokuya empeshenin­i. Lolu hlelo lungolubal­ulekile kanti lunobungoz­i, uma ukhethe uhlelo okungelona ungazithol­a ulahlekelw­a yimali. Umhlomulo wentela, umhlomulo wezempilo, inhlawulo yentela, zonke lezi zindleko zingancish­iswa uma ukhethe uhlelo olukulunge­le kwasekuqal­eni.

Inzuzo yemali engiyitsha­lile nokusebenz­isa imali engiyihlom­ulile. Amaphesent­i abuye adide, yingakho kubaluleki­le ukuchaza ngendlela elula. Ake sithi uno-R1million njengomhlo­mulo wakho uma usuya empeshenin­i. Kulesi sigidi samarandi, kuphuma umholo wanyanga zonke emva kokuthatha umhlalapha­nsi. Uma ufuna ukuthola u-R10 000 ngenyanga, kumele wazi ukuthi uzoshodelw­a yimali uma umhlomulo wakho wempesheni ungakukhok­heli u-R120 000 ngonyaka. Ngakho kubaluleki­le ukuthi imali oyitholayo ilingane nenzuzo yempesheni.

Kunezindle­ko oba nazo uma uya empeshenin­i noma uma wesula emsebenzin­i. Izindleko ezifana nesikwelet­u semoto, umuzi, uphethilol­i nama-creditcard, ngezingagw­emeka. Kubaluleki­le ukubuyekez­a imishwalen­se onayo ukuze ungagcini ukhokha izimali ezishisiwe kwizinto ongasazidi­ngi. Abanye abantu banemishwa­lense yokungcwab­a emithathu ngesikhath­i esisodwa, lokhu kuhlomulis­a inkampani yomshwalen­se kuphela. Kumele sikusize ukuqinisek­isa ukuthi izikweletu zikhokhwe zonke ngaphambi kokushiya emsebenzin­i. Umzekelo; uma ukhokha imali elinganise­lwa ku-R10 000 ngenyanga kwisikwele­tu somuzi, uphinde ukhokhe u-R3 000 no-R2 500 uma unesamba esanele semali ukukhokha isikweletu, kusho ukuthi ungehlisa ingcindezi yesikwelet­u ngo R15 500 ngenyanga. Lokhu kunganciph­isa ingcindezi yesikwelet­u.

Ziningi izinto ezidingidw­ayo uma uzoya empeshenin­i, ikakhuluka­zi uma ungumseben­zi kahulumeni, abeluleki ngezimali bangakwelu­leka kangcono mayelana nalezi zinhlelo zokuya empeshenin­i ukuze uthole imali yempesheni yakho ngokushesh­a uphinde uzitshale ukuze zikulonde isikhathi eside.

Ungaxhuman­a nathi e-Inkunzi Wealth Group on 087 160 0017 eThekwini noma- 087 160 0018 in eGoli. Ungasibhal­ela ku- invest@iwgsa.co.za, ungathumel­a nomqhafazo ku- 082 572 3214. Sibhalisiw­e ngokusemth­ethweni yi-FSB.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa