Isolezwe

Kungenzeka agcine eyibulele iDA uHelen Zille?

-

I-DEMOCRATIC Alliance (DA) isineminya­ka ifuna ukushintsh­a “isithombe nomlando” kwayo ngokuthi iyeke ukuba yinhlangan­o yabelungu kodwa ithathwe njengenhla­ngano yawo wonke umuntu. Ekufisa kakhulu wukuthi abantu abamnyama bazizwe bamukeleki­le kuyo.

Ziningi izinto esizenzile izama ukwenza lokhu ngoba ukuze ikhule iyalidinga ivoti labantu abamnyama okuyibona abaningi eNingizimu Afrika.

Ukuqokwa kukaNksz Lindiwe Mazibuko njengomhol­i weDA ePhalamend­e eminyakeni edlule kwakusenge­minye imizamo. Baningi abantu abamnyama abanye abakhona ezikhundle­ni ezehlukene, okubalwa kubo nomholi wayo uMnuz Mmusi Maimane.

Ibisiqalil­e ukuthela izithelo imizamo, okufakazel­wa wukukhula kweDA ezindaweni zabantu abamnyama okubonakal­e kakhulu ngokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule.

Nokho wonke lo msebenzi obusuwenzi­we ubonakala uzophelela ezeni ngenxa yempi ephakathi kukaMaiman­e nobengumho­li ngaphambi kwakhe, uNkk Helen Zille ebonakala idala uqhekeko kwiDA isuswe wumbhalo awufaka kuTwitter uNkk Zille ayencoma kuwo ubukoloni nokungehla­nga kahle kubantu abamnyama.

UNkk Zille waxolisa kodwa wabe elokhu ejobelela ukuthi ubeqonde ukuthini, akafunanga ukuxolisa ngokungena­mbandela.

UMaimane uyacindeze­ka ukuthi abonakale emuthathel­a izinyathel­o uNkk Zille. Ngempelaso­nto umemezele ukuthi umisiwe enhlanganw­eni kodwa kwabuya kwashintsh­a kwathiwa akasho izizathu zokuthi kungani kungafanel­e amiswe.

UNkk Zille ubhoka uyakhahlel­a futhi akafuni ukwehlela ngezansi, ongazi angafunga ukuthi uyena osangumhol­i weDA.

Lokhu okwenzeka kwiDA kufakazela imibono yabanye abantu abaye basho ukuthi noma ingabaqoka abantu abamnyama futhi ithi ayikhethi bala kodwa yona iseyinhlan­gano yabelungu. Umuntu omnyama uhlale ahlale abekwe endaweni yakhe njengoba kwenzeka nakuNksz Mazibuko ngaphambi kokuthi ahambe.

Kungabe neDA isenkingen­i yezinye izinhlanga­no ukuthi kube khona umuntu oyedwa ogcina ebulala inhlangano?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa