Kungenzeka agcine eyibulele iDA uHelen Zille?
I-DEMOCRATIC Alliance (DA) isineminyaka ifuna ukushintsha “isithombe nomlando” kwayo ngokuthi iyeke ukuba yinhlangano yabelungu kodwa ithathwe njengenhlangano yawo wonke umuntu. Ekufisa kakhulu wukuthi abantu abamnyama bazizwe bamukelekile kuyo.
Ziningi izinto esizenzile izama ukwenza lokhu ngoba ukuze ikhule iyalidinga ivoti labantu abamnyama okuyibona abaningi eNingizimu Afrika.
Ukuqokwa kukaNksz Lindiwe Mazibuko njengomholi weDA ePhalamende eminyakeni edlule kwakusengeminye imizamo. Baningi abantu abamnyama abanye abakhona ezikhundleni ezehlukene, okubalwa kubo nomholi wayo uMnuz Mmusi Maimane.
Ibisiqalile ukuthela izithelo imizamo, okufakazelwa wukukhula kweDA ezindaweni zabantu abamnyama okubonakale kakhulu ngokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule.
Nokho wonke lo msebenzi obusuwenziwe ubonakala uzophelela ezeni ngenxa yempi ephakathi kukaMaimane nobengumholi ngaphambi kwakhe, uNkk Helen Zille ebonakala idala uqhekeko kwiDA isuswe wumbhalo awufaka kuTwitter uNkk Zille ayencoma kuwo ubukoloni nokungehlanga kahle kubantu abamnyama.
UNkk Zille waxolisa kodwa wabe elokhu ejobelela ukuthi ubeqonde ukuthini, akafunanga ukuxolisa ngokungenambandela.
UMaimane uyacindezeka ukuthi abonakale emuthathela izinyathelo uNkk Zille. Ngempelasonto umemezele ukuthi umisiwe enhlanganweni kodwa kwabuya kwashintsha kwathiwa akasho izizathu zokuthi kungani kungafanele amiswe.
UNkk Zille ubhoka uyakhahlela futhi akafuni ukwehlela ngezansi, ongazi angafunga ukuthi uyena osangumholi weDA.
Lokhu okwenzeka kwiDA kufakazela imibono yabanye abantu abaye basho ukuthi noma ingabaqoka abantu abamnyama futhi ithi ayikhethi bala kodwa yona iseyinhlangano yabelungu. Umuntu omnyama uhlale ahlale abekwe endaweni yakhe njengoba kwenzeka nakuNksz Mazibuko ngaphambi kokuthi ahambe.
Kungabe neDA isenkingeni yezinye izinhlangano ukuthi kube khona umuntu oyedwa ogcina ebulala inhlangano?