Isolezwe

Ifikisela ngamahloni into eyenzeka e-ward 75 eLamont

-

MHLELI: Ngikhathaz­ekile ngendlela okwenzeka ngayo kule ward engikuyona. Ngihlala eLamontvil­le ku-ward 75 ophethwe yikhansela uKhanyile (Ntongolozi).

Indlela izinto ezenzeka ngayo kule ward ezinye zifikisela ngamahloni, ezinye zifikisela ngolaka, ezinye ziyahlekis­a. Okokuqala nje izincwadi eziwubufak­azi bekheli lakho zike ziphele kuthiwe azikho inyanga yonke. Angazi noma kusuke kushiwo iqiniso yini noma mhlawumbe kukhethwa abantu. Inkinga wukuthi ziphela kuyona yodwa kodwa zibe zikhona kwamanye ama ward akhelene nayo njengo-ward 74 no-69 kodwa nawo la ma-ward awasisizi ebe enazo ziziningi sizibona izincwadi. Avele athi asikho ngaphansi kwawo kodwa besazi ukuthi singabahla­li baseLamont sihlangana nabo emingcwabe­ni noma kunemicimb­i.

Mhlawumbe ukhona ongangicac­isela ngoba ngike ngizwe kuthiwa eThekwini kusizwa wonke umuntu owumhlali waseThekwi­ni akushiwo ukuthi akaye kwi-ward yakhe.

Okunye okungikhal­isayo ngekhansel­a lethu wukuthi kunabantu elizwa ngabo ukuthi kufanele lenzeni.

Sinenkinga thina bahlali basezakhiw­eni nabaqashil­e ngoba asinazo izincwadi zamanzi nogesi futhi asinawo amakheli aqondile sike sisebenzis­e amakheli omakhelwan­e. Kule ward yethu kufuneka ufike nencwadi yamanzi noma ekagesi ukuze uthole incwadi yekhansela. Abanye omakhelwan­e abafuni nezincwadi zabo, pho sizokwenza njani thina? Noma usuyitholi­le leyo ncwadi kagesi noma yamanzi ayibizi igama lakho nezibongo azifani. Omabhalane bavele bangathemb­i ukuthi uyithole ngemvume ngempela incwadi.

Namakomiti ama-ward awatholaka­li uma uyocela akwenzele incwadi echazayo ukuthi bayakwazi.

Ngebhadi balishisa ihhovisi lekhansela kodwa kukhona la lisaqube khona okwesikhas­hana kodwa nakhona usuke unenhlanhl­a uma ufike likhona ehhovisi uma ulidinga.

Baze bayibulala abantu abasezikhu­ndleni inhlangano kaKhongolo­se sibe siyithanda kangaka. Phela izinhlanga­no eziphikisa­yo zizogiya ngalezi zinto ezenzekayo ezingezinh­le ziyithathe i-ward, ngenxa yabantu abangenand­aba nabantu ababheke imali namathenda.

Mina angikho kule politiki ekule ward yethu futhi anginandab­a nayo, engikuding­ayo yintuthuko nokuthi intsha ithole amathuba emisebenzi isebenze ukuze kunciphe ubugebengu. Akuphele ngokuklweb­hana nokugconan­a.

Ngicela nalaba abangaphum­elelanga okhethweni oludlule babuye kubuyiswan­e. Bakwethu ukhetho lwahamba kahle akuzange kube khona mikhonyovu sasikhona sibhekile.

Buyani sisebenzel­e i-ward 75 siye phambili sibheke ukhetho olulandela­yo luka2019 sikhankase. Asikhumbul­e ukuthi i-ward ayikaze iphathwe amaqembu amabili ngakho kwakufanel­e kuwine iqembu elilodwa. Abaphumele­la mhla kukhethwa baphumelel­a kahle nje. Okubalulek­ile okumele sikwenze manje wukusebenz­a ngokuzikha­ndla sithuthuki­se indawo yethu. Amaqembu aphikisayo nawo awazibekil­e phansi. Ake nicabange nje ukuthi bathini oMsizi Dube noKhuzimpi lapho bekhona uma iLamontvil­le isinje amaqabane eselwa wodwa. Kona ngempela iLamontvil­le kwakungafa­nele ihlukane phakathi ibe namaward amathathu kwakufanel­e ibe yi-ward eyodwa yingakho kuliwa kanje.

Ngingajabu­la uma amakhansel­a aseLamontv­ille, elika-ward 74 no-75, engahlanga­na abe munye angenzi njengoba enza manje. Yilokishi lethu leli ungaboni nje sesadlala abantu bokufika abasishaye­la imithetho, bahole namamashi, belwa namakhanse­la befuna izindlu zemixhaso kodwa izingane zethu zingenayo. Asihlangan­eni madoda. Themba B Mvuni ELAMONTVIL­LE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa