Ifikisela ngamahloni into eyenzeka e-ward 75 eLamont
MHLELI: Ngikhathazekile ngendlela okwenzeka ngayo kule ward engikuyona. Ngihlala eLamontville ku-ward 75 ophethwe yikhansela uKhanyile (Ntongolozi).
Indlela izinto ezenzeka ngayo kule ward ezinye zifikisela ngamahloni, ezinye zifikisela ngolaka, ezinye ziyahlekisa. Okokuqala nje izincwadi eziwubufakazi bekheli lakho zike ziphele kuthiwe azikho inyanga yonke. Angazi noma kusuke kushiwo iqiniso yini noma mhlawumbe kukhethwa abantu. Inkinga wukuthi ziphela kuyona yodwa kodwa zibe zikhona kwamanye ama ward akhelene nayo njengo-ward 74 no-69 kodwa nawo la ma-ward awasisizi ebe enazo ziziningi sizibona izincwadi. Avele athi asikho ngaphansi kwawo kodwa besazi ukuthi singabahlali baseLamont sihlangana nabo emingcwabeni noma kunemicimbi.
Mhlawumbe ukhona ongangicacisela ngoba ngike ngizwe kuthiwa eThekwini kusizwa wonke umuntu owumhlali waseThekwini akushiwo ukuthi akaye kwi-ward yakhe.
Okunye okungikhalisayo ngekhansela lethu wukuthi kunabantu elizwa ngabo ukuthi kufanele lenzeni.
Sinenkinga thina bahlali basezakhiweni nabaqashile ngoba asinazo izincwadi zamanzi nogesi futhi asinawo amakheli aqondile sike sisebenzise amakheli omakhelwane. Kule ward yethu kufuneka ufike nencwadi yamanzi noma ekagesi ukuze uthole incwadi yekhansela. Abanye omakhelwane abafuni nezincwadi zabo, pho sizokwenza njani thina? Noma usuyitholile leyo ncwadi kagesi noma yamanzi ayibizi igama lakho nezibongo azifani. Omabhalane bavele bangathembi ukuthi uyithole ngemvume ngempela incwadi.
Namakomiti ama-ward awatholakali uma uyocela akwenzele incwadi echazayo ukuthi bayakwazi.
Ngebhadi balishisa ihhovisi lekhansela kodwa kukhona la lisaqube khona okwesikhashana kodwa nakhona usuke unenhlanhla uma ufike likhona ehhovisi uma ulidinga.
Baze bayibulala abantu abasezikhundleni inhlangano kaKhongolose sibe siyithanda kangaka. Phela izinhlangano eziphikisayo zizogiya ngalezi zinto ezenzekayo ezingezinhle ziyithathe i-ward, ngenxa yabantu abangenandaba nabantu ababheke imali namathenda.
Mina angikho kule politiki ekule ward yethu futhi anginandaba nayo, engikudingayo yintuthuko nokuthi intsha ithole amathuba emisebenzi isebenze ukuze kunciphe ubugebengu. Akuphele ngokuklwebhana nokugconana.
Ngicela nalaba abangaphumelelanga okhethweni oludlule babuye kubuyiswane. Bakwethu ukhetho lwahamba kahle akuzange kube khona mikhonyovu sasikhona sibhekile.
Buyani sisebenzele i-ward 75 siye phambili sibheke ukhetho olulandelayo luka2019 sikhankase. Asikhumbule ukuthi i-ward ayikaze iphathwe amaqembu amabili ngakho kwakufanele kuwine iqembu elilodwa. Abaphumelela mhla kukhethwa baphumelela kahle nje. Okubalulekile okumele sikwenze manje wukusebenza ngokuzikhandla sithuthukise indawo yethu. Amaqembu aphikisayo nawo awazibekile phansi. Ake nicabange nje ukuthi bathini oMsizi Dube noKhuzimpi lapho bekhona uma iLamontville isinje amaqabane eselwa wodwa. Kona ngempela iLamontville kwakungafanele ihlukane phakathi ibe namaward amathathu kwakufanele ibe yi-ward eyodwa yingakho kuliwa kanje.
Ngingajabula uma amakhansela aseLamontville, elika-ward 74 no-75, engahlangana abe munye angenzi njengoba enza manje. Yilokishi lethu leli ungaboni nje sesadlala abantu bokufika abasishayela imithetho, bahole namamashi, belwa namakhansela befuna izindlu zemixhaso kodwa izingane zethu zingenayo. Asihlanganeni madoda. Themba B Mvuni ELAMONTVILLE