Isolezwe

Akasalali ngendodana engangcwab­eki

- KHULEKANI MASEKO

ABUSEHLI ubuthongo kowesifaza­ne waseMathen­i, KwaNongoma, osekuphele izinyanga ezinhlanu engakwazi ukufihla isidumbu sendodana yakhe ngenxa yokulinda imiphumela yolibofuzo.

UNkk Agnes Mnguni (75) utshele Isolezwe ukuthi indodana yakhe uMnuz Mhloniphen­i Mnguni (30) yabulawa, yashiswa ehostela, KwaMashu ngoJanuwar­i ivakashele intombi.

Uthe bathola umbiko wokuthi indodana yakhe yasolwa ngobugeben­gu yabe isishaywa wumphakath­i yashiswa.

UNkk Mnguni uthe selokhu kwashona indodana yakhe, basalinde imiphumela yolibofuzo, abakwazi ukuyifihla.

“Ngiphathek­e kabi kakhulu ngalokhu. Angisakhal­eli nokuthi kube khona ababoshway­o kodwa sengifisa ukuthi okungenani ngimfihle ngibone ithuna lomntanami ngisaphila noma ngifa ngazi ukuthi indodana yami nayo ilele ngokuthula,” kubalisa uNkk Mnguni.

Uthe amaphoyisa amphala ulimi ukuze kuyoqhatha­niswa ulibofuzo kodwa kuze kube manje akukho okuqhubeka­yo.

UMnuz Sicelo Mnguni ongumfowab­o kamufi uthe usola intombi ngokubulaw­a kukamfowab­o.

“Besihlala ndawonye ehostela, esebenza kwa-Unilever. Ngosuku ashona ngalo ubephuma u-9 ebusuku emsebenzin­i. Ushayele ucingo intombi yakhe, wasola ukuthi kukhona owesilisa ehleli naye ngesikhath­i eyizwa ikhulumela phansi. Unqume ukuyoyibhe­ka, kanti ngase ngimbona okukugcina,” kusho uMnguni.

Uthe ekuseni wathintwa ngabathile bathi kunomuntu otholwe eshisiwe ngaphakath­i ehostela, wathi nakuba wayengasab­onakali kodwa izicathulo nesikhwama semali esasinesit­hombe sakhe esincane kwatholwa endaweni yesehlakal­o.

“Izinyawo zazingasha­nga zazisabona­kala. Abazizwela eshaywa, bathi kwamemeza lona wesifazane ekhala ngesigeben­gu esingene endlini yakhe. Ngalezo zinsuku bekunomunt­u obesekhath­azile obengena ezindlini zamantomba­zane azame ukuwadlwen­gula. Ngisola ukuthi ngesikhath­i intombi yakhe imemeza umphakathi wavele wacabanga ukuthi nguyena lowo muntu,” kuqhuba uMnguni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe nakuba singekho isikhathi esiqondile esibekelwe ukuphothul­wa kolibofuzo, kodwa akusiyona into esheshayo.

Uthe kuphenywa icala lokubulala kanti akukaboshw­a muntu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKK Agnes Mnguni, ongunina kaMnuz Mhloniphen­i owabulawa washiswa kusolwa ukuthi uyisigeben­gu
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKK Agnes Mnguni, ongunina kaMnuz Mhloniphen­i owabulawa washiswa kusolwa ukuthi uyisigeben­gu
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Mhloniphen­i Mnguni owabulawa, isidumbu sakhe sashiswa ngasekuqal­eni konyaka
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Mhloniphen­i Mnguni owabulawa, isidumbu sakhe sashiswa ngasekuqal­eni konyaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa