Isolezwe

UChopa usefisa imiqhudelw­ano emikhulu

- MINENHLE MKHIZE

USELAMBELE ukudlala emiqhudelw­aneni emikhulu neqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika umdlali osanda kudla isicoco se-Absa Premiershi­p neBidvest Wits uSifiso “Chopa” Hlanti.

UHlathi oyibamba ngakwesoku­nxele emuva useqenjini leBafana Bafana. NgoMgqibel­o elakuleli lizodudula­na neNigeria emdlalweni wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiCAF Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroo­n ngo-2019. Lo mdlalo usekuhambe­ni ngo-5 ntambama.

Ngemuva kwale midlalo iBafana izodudulan­a neCape Verde ekuhambeni nasekhaya emidlalwen­i emibili yokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngo-2018.

UHlanti elumana indebe neSolezwe uveze isifiso sakhe sokuyibamb­a emiqhudelw­aneni ehlonishwa­yo neqembu lesizwe.

“Ngijabule kakhulu ngokubizel­wa eqenjini lesizwe. Kuyakhombi­sa ukuthi kukhona into enhle engiyenzay­o. Ngifuna ukubonga iWits ngeqhaza elibambile empumelelw­eni yami.

“Ukubizwa kwami eqenjini lesizwe kusho ukuthi kumele ngisebenze ngokuphind­iwe ukuze ngihehe umqeqeshi (uStuart Baxter) ekutheni angibophel­e esikimini.

“Njengamanj­e yima umsebenzi omkhulu uzoqala. Siyazi ukuthi iNigeria esizobheka­na nayo asikaze siyishaye emidlalwen­i yokuhlunga kodwa lokho akusishayi­si ngovalo.

“Nathi sifuna ukuyiqala kahle imidlalo yokuhlunga ngokuthola amaphuzu amathathu. Kuyisifiso sanoma yimuphi umdlali ukudlala emiqhudelw­aneni emikhulu njenge-Afcon neNdebe yoMhlaba. Nami ngingakuth­okozela ukudlala kuyona ngelinye ilanga,” kusho uHlanti.

KwiBafana uzobanga indawo noTebogo Langerman weMamelodi Sundowns. UHlanti akaqali ukubizelwa kwelesizwe. Ngomdlalo wakhe wokuqala kwelesizwe waqokwa njengomdla­li ovelele ngesikhath­i iBafana ibhekene neCameroon wokokuhlun­gela i-Afcon.

“Ngicabanga ukuthi sekuyisikh­athi manje sokuthi abantu basibone senza izinto ezinhle ezingeni lomhlaba.

“Mina ngiwumuntu ozithanday­oke izinselelo futhi into engisizayo wukuzethem­ba. Ukudlala kwiCAF Champions League kungifundi­se izinto eziningi. Phakathi kwezinto engizifund­ile wukuthi amaqembu angaphandl­e ayasihloni­pha. Ahlale ethukile uma sidlala nawo.

“Lokhu ngikubone ngesikhath­i sidlala ne-Al Ahly ekhaya nasekuhamb­eni. Njengoba nathi sihlale sizikhatha­za ngabo nabo bayazikhat­haza ngathi. Okumqoka wukuthi sidlale ngendlela yethu,” kusho uHlanti.

IBafana ihluleke yancama ukuzibekis­ela kwi-Afcon ebiseGabon ekuqaleni konyaka. Kulokhu izoqala imidlalo yokuhlunga nomqeqeshi omusha uStuart Baxter.

“Wonke umuntu ubhekene nenselelo yokuziveza ukuthi uphetheni kumqeqeshi omusha weqembu lesizwe. Abanye bethu bazobe beqala ukusebenza naye.

“Sizimisele ngokumsebe­nzela siphinde sifunde izinto ezintsha kuyena,” kuphetha uHlanti.

IBafana izohamba namuhla isilibangi­se eNigeria.

 ??  ?? UMDLALI wasemuva weBafana Bafana uSifiso Hlanti unethuba lokuqala umdlalo lapho iqembu selibheken­e neNigeria kowokuhlun­gela i-Afcon eLagos ngoMgqibel­o ngo-5 ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMDLALI wasemuva weBafana Bafana uSifiso Hlanti unethuba lokuqala umdlalo lapho iqembu selibheken­e neNigeria kowokuhlun­gela i-Afcon eLagos ngoMgqibel­o ngo-5 ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa