Isolezwe

UToyana ucuthele ukuqeqesha amaProteas

- MINENHLE MKHIZE

UCUTHELE isikhundla sokupheka amaProteas umqeqeshi weHighveld Lions uGeoffrey Toyana.

Umengameli weCricket South Africa (CSA) uChris Nenzani utshele Isolezwe ukuthi sebesikhip­hile isikhangis­o sokufaka isicelo somsebenzi wokulolong­a amaProteas.

Njengamanj­e iqembu lesizwe liphekwa nguRussell Domingo kodwa naye kumele afake isicelo uma enenhloso yokuphinde awuthole lo msebenzi.

Inkontilek­a kaDomingo neCSA iyaphela ngo-Agasti uma iqembu lakuleli seliqede imidlalo ewuchungec­hunge yama-Test neyeT20.

UToyana uthe nakanjani uzosifaka isicelo sokuthatha umsebenzi weqembu lesizwe lakuleli lekhilikit­hi.

“Okwamanje bengingaka­sifaki isicelo kodwa ngingakuqi­nisekisa ukuthi ngizosifak­a ngoba lusekude usuku lokuvalwa ukuthatha izicelo. Njengabo bonke abaqeqeshi abaqeqesha ezingeni eliphezulu nami kuyisifiso sami ukuthi ngilolonge iqembu lesizwe,” kusho uToyana.

UToyana (43) waseSoweto usezinqobe zonke izicoco ezimqoka eNingizimu Afrika. Ngo-2012 ube ngumqeqesh­i wokuqala omnyama ukupheka iqembu elidlala esigabeni esikhulu eNingizimu Afrika.

Ngo-2012/2013 uhlabane ngesicoco seRam Slam T20 Challenge waphinde wafinyelel­a kowamanqam­u weT20 Champions League. Ngemuva kwalokho uToyana uqokwe njengomqeq­eshi ovelele.

Ngo-2014/2015 ukhale wemuka nesicoco seSunfoil 4 Day Cup njengoba ngo-2015/2016 ehlabane ngeseMomen­tum One Day.

Phezu kwalokho lo mqeqeshi usekhiqize inqwaba yabadlali abaphelele kumaProtea­s. Phakathi kwabo singabala uKagiso Rabada, osengumshw­ibi ohamba phambili emhlabeni emidlalwen­i yosuku olulodwa, Temba Bavuma, Chris Morris, Quinton de Kock, Aaron Phangiso, Stephen Cook, Reeza Hendricks, Mangaliso Mosehle noHardus Vijloen.

Abanye abaqeqeshi okubhekwe ukuthi bafake izicelo zokucija amaProteas nguMakhaya Ntini noLance Klusener abapheka iqembu lesizwe laseZimbab­we, Mark Boucher owenza kahle kumaTitans noPaul Adams osanda kushiya kumaTitans.

Khonamanja­lo, namuhla uRabada kubhekeke ukuthi aqhubeke nefomu yakhe yakamuva uma amaProteas esebhekene nePakistan emdlalweni we-ICC Champions League e-Edgbaston, eBirmingha­m, e-England ngo-2.30 ntambama. Iqembu lakuleli liyiqale kahle le midlalo lishaya iSri Lanka ngama-run angu-96 ngoMgqibel­o. Umdlalo wamaProtea­s wesithathu ungeSonto lapho ezobhekana ne-India e-The Oval, London, ngo11.30 ekuseni.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGEOFFREY Toyana ocija iHighveld Lions uthe uzimisele ngokuzama inhlanhla ekuqeqeshe­ni iqembu lesizwe amaProteas
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGEOFFREY Toyana ocija iHighveld Lions uthe uzimisele ngokuzama inhlanhla ekuqeqeshe­ni iqembu lesizwe amaProteas
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa