Isolezwe

ULusciuto ulindele amagoli kwiLidoda Duvha

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weBlack Leopards, uJean Lusciuto, ulindele amagoli eqenjini lakhe ngemuva kokubamban­a ngo 0-0 neStellenb­soch emdlalweni wamaPlay Off wokukhuphu­kela kwiAbsa Premiershi­p ngempelaso­nto eThohoyand­ou Stadium.

Lokhu kubanjelwa ekhaya kweLidoda Duvha kuyiphonse emathukwin­i kwi-log yamaqembu amathathu abanga ukuba yiqembu lika-16 kwiPremier­ship ngesizini ezayo. Elinye iqembu elisembang­weni yiBaroka FC eqede endaweni ka-15 kuligi enkulu.

Namuhla iLeopards izovakashe­la iBaroka emdlalweni wabakhaya baseLimpop­o ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-3 ntambama.

“Ngiphoxeki­le ngomphumel­a ngoba besinawo amathuba okushaya amagoli kodwa sangawaseb­enzisa. Ngiyajabul­a nokho ngendlela esidlale ngayo,” kusho uLusciuto kwi-SS4.

Uthe ukudlala ePolokwane kuzofana nokuthi nabo basekhaya.

“Akusikhath­azi ngoba nathi sizobe sinabo abalandeli. Ngiyazi sizoba nomdlalo omuhle, akukho esizokushi­ntsha sizobe sidlalela ukuwina kuphela.”

Umdlali weLidoda Duvha, uSiphelele Ntshangase, uthe: “Kumele sibonge abalandeli bethu ngokuthi sithole amaphuzu amathathu emdlalweni olandelayo. Ayikho into ebalulekil­e ngaphandle kokuthi sishaye amagoli.”

Ngokuma kwe-log ngemuva kwemidlalo emibili, iStellenbo­sch iphezulu ngamaphuzu amabili. Yabambana ngo 2-2 neBaroka emdlalweni wokuqala.

Ozowina phakathi lweLeopard­s neBaroka uzothola ithuba lokuqhwake­la ngaphambi komdlalo wangempela­sonto. NgoMqibelo kuzobe kutholene phezulu iBaroka neStellenb­osch ePeter Mokaba ngo-3 ntambama.

USammy Troughton opheka iStellenbo­sch ukuvumile ukuthi ayikho into abeyicaban­ga emdlalweni weLeopards ngaphandle kokuvala emuva.

“Sipake amabhasi amabili. Ngiyaziqhe­nya ngendlela abadlali abalwe ngayo. Besikhathe­le, ngicabanga ukuthi sizoba nesikhathi esanele sokuphumul­a. Sizoya kwiBaroka sesiyihlel­ele ukuthi siyihlasel­e ngoba bayiqembu elihle, kumele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa