UToyana ucuthele ukuqeqesha amaProteas
UCUTHELE isikhundla sokupheka amaProteas umqeqeshi weHighveld Lions uGeoffrey Toyana.
Umengameli weCricket South Africa (CSA) uChris Nenzani utshele Isolezwe ukuthi sebesikhiphile isikhangiso sokufaka isicelo somsebenzi wokulolonga amaProteas.
Njengamanje iqembu lesizwe liphekwa nguRussell Domingo kodwa naye kumele afake isicelo uma enenhloso yokuphinde awuthole lo msebenzi.
Inkontileka kaDomingo neCSA iyaphela ngo-Agasti uma iqembu lakuleli seliqede imidlalo ewuchungechunge yama-Test neyeT20.
UToyana uthe nakanjani uzosifaka isicelo sokuthatha umsebenzi weqembu lesizwe lakuleli lekhilikithi.
“Okwamanje bengingakasifaki isicelo kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi ngizosifaka ngoba lusekude usuku lokuvalwa ukuthatha izicelo. Njengabo bonke abaqeqeshi abaqeqesha ezingeni eliphezulu nami kuyisifiso sami ukuthi ngilolonge iqembu lesizwe,” kusho uToyana.
UToyana (43) waseSoweto usezinqobe zonke izicoco ezimqoka eNingizimu Afrika. Ngo-2012 ube ngumqeqeshi wokuqala omnyama ukupheka iqembu elidlala esigabeni esikhulu eNingizimu Afrika.
Ngo-2012/2013 uhlabane ngesicoco seRam Slam T20 Challenge waphinde wafinyelela kowamanqamu weT20 Champions League. Ngemuva kwalokho uToyana uqokwe njengomqeqeshi ovelele.
Ngo-2014/2015 ukhale wemuka nesicoco seSunfoil 4 Day Cup njengoba ngo-2015/2016 ehlabane ngeseMomentum One Day.
Phezu kwalokho lo mqeqeshi usekhiqize inqwaba yabadlali abaphelele kumaProteas. Phakathi kwabo singabala uKagiso Rabada, osengumshwibi ohamba phambili emhlabeni emidlalweni yosuku olulodwa, Temba Bavuma, Chris Morris, Quinton de Kock, Aaron Phangiso, Stephen Cook, Reeza Hendricks, Mangaliso Mosehle noHardus Vijloen.
Abanye abaqeqeshi okubhekwe ukuthi bafake izicelo zokucija amaProteas nguMakhaya Ntini noLance Klusener abapheka iqembu lesizwe laseZimbabwe, Mark Boucher owenza kahle kumaTitans noPaul Adams osanda kushiya kumaTitans.
Khonamanjalo, namuhla uRabada kubhekeke ukuthi aqhubeke nefomu yakhe yakamuva uma amaProteas esebhekene nePakistan emdlalweni we-ICC Champions League e-Edgbaston, eBirmingham, e-England ngo-2.30 ntambama. Iqembu lakuleli liyiqale kahle le midlalo lishaya iSri Lanka ngama-run angu-96 ngoMgqibelo. Umdlalo wamaProteas wesithathu ungeSonto lapho ezobhekana ne-India e-The Oval, London, ngo11.30 ekuseni.