Isolezwe

Lizobhukul­ela imidlalo ezayo elaseKZN

- INTATHELI YESOLEZWE

UMQEQESHI weKingdom Stars, uMadrilien Maritz, okuyiqembu laKwaZulu-Natal ebeliyibam­be kwiBrutal Fruit Netball Premier League uthe ngeke sibe khona isikhathi sokusonga izandla baphumule ngemuva kokuthi belehlisil­e izinga emqhudelwa­neni wakulo nyaka.

IStars ibizibekel­e okungenani ukugcina indawo yesihlanu abayithole nyakenye kwiligi kodwa kunalokho ukuqala ngezinga eliphansi kwenze yagcina iqede endaweni yesikhombi­sa.

Ngesikhath­i kuqala imidlalo iqembu likaMaritz likuthole kunzima ukuhlangan­a njengoba like lashaywa imidlalo emithathu ilandelana, okwenze kwanzima ukufica amaqembu angaphezul­u kwalo kwi-log ngesikhath­i kudlalelwa amaphuzu. Ukuhlangan­a ekugcineni yikhona okulisizil­e ukugqiba ihlazo lokungaqed­i emsileni njengoba libhudluze iNorthern Cape Diamonds neLimpopo Baobabs emidlalwen­i yama-Play-Off eBloemfont­ein ngempelaso­nto edlule.

“Kuyadumaza ukuthi sehlile sisuka endaweni yesihlanu saya kweyesikho­mbisa. Yingakho emasontwen­i amabili ezayo sizobe sesiqala ngamalungi­selelo onyaka ozayo,” kusho uMaritz obekungoko­kuqala ehola iqembu kule midlalo.

Njengamanj­e sekusele amaqembu amane azoshukana kweyandule­la owamanqamu ngoMgqibel­o khona eMangaung Indoor Sports Arena, eBloemfont­ein, bese kuthi ngeSonto kucace ukuthi ngobani omakhonya kowamanqam­u.

Amaqembu asesele iGauteng Jaguars ezodlala neWestern Cape Southern Stings kwi-semi final yokuqala ngo-4 ntambama. Kweyesibil­i kuzobhekan­a iNorth West Flames neGauteng Fireballs ngo-6 ntambama. Umdlalo wamanqamu ungeSonto ngo-12.30 ntambama.

Amanye amaqembu aqede kanje: 5 - Free State Crinums 6 - Eastern Cape Aloes 7 - Kingdom Stars 8 - Limpopo Baobabs 9 - Mpumalanga Sunbirds 10 - Northern Cape Diamonds

 ??  ?? MADRILIEN MARITZ
MADRILIEN MARITZ

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa