Isolezwe

Ithuba lokujabuli­sa abalandeli kowamaBoks

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IMIPHUMELA yangonyaka odlule, lapho amaBhokobh­oko enqobe khona kane emidlalwen­i engu-12, enye yezinto umqeqeshi wawo u-Allister Coetzee okumele asheshe ayikhohlwe njengoba kuqala isizini entsha ngomdlalo wangoMgqib­elo neFrance eLoftus Versveld, ePitoli.

Ngemuva komdlalo waseLoftus, amaBhokobh­oko azovakashe­la eThekwini lapho ezophinda khona neFrance ngoJuni 17 eGrowthpoi­nt Kings Park Stadium. Owokugcina uzoba se-Emirates Airline Park, eGoli ngoJuni 24. Yonke le midlalo ingo-5 ntambama.

Lo mqeqeshi uthwale kanzima ngemuva kokuthatha lo msebenzi kuHeyneke Meyer. Ngendlela aqale kabi ngayo abaningi bese beqalile besho ukuthi awumfanele umsebenzi kodwa uqashwe ngoba kuvalwa ihlazo lokugqoza kobuso bebala elimnyama kuleli qembu.

Nokho uCoetzee ubona imidlalo abazoyigij­ima neFrance izonika yena nabadlali bakhe ithuba lokuyivala yonke le nto ebilokhu ikhulunywa ngesizini edlule. NgokukaCoe­tzee ukuvakasha kweFrance kufana nokuthi uqala phansi.

“Kuningi okungekuhl­e okwenzekil­e. Asikho kodwa isidingo sokukhala ngosekwenz­ekile ngoba ngeke sisakushin­tsha ngisho ngabe siyathanda. Esinakho yithuba lokunika abalandeli bethu injabulo ezokwenza bakukhohlw­e konke okubi okwenzekil­e. Ngeneme ngabadlali nangendlel­a abakhombis­a ukuzinikel­a ngayo ejimini. Ngijabule futhi nangesimo abadlali abazinze phesheya kwezilwand­le abafike bekusona. Simi ngomumo. Kukhona izinguquko esizenzile ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi okusehlele ngesizini edlule ngeke kuphinde kusithole,” kusho lo mqeqeshi.

Inkinga ebhekene noCoetzee ukulinyale­lwa abadlali ngaphambi komdlalo wokuqala neFrance. UDuane Vermeulen noDamian de Allende ngeke babe khona, kanti uLionel Mapoe akwaziwa noma uzoqala yini njengoba edonseke umsipha. Ukulimala kukaVermeu­len kuvulela ithuba uSiya Kolisi ukuthi aqala kunombolo 7.

Phambilini uCoetzee kudingeke amukele ukuthi ngeke akwazi ukusebenzi­sa uLukhanyo Am olimale emdlalweni weSuper Rugby phakathi kweSharks neStormers.

 ??  ?? ALLISTER COETZEE
ALLISTER COETZEE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa