ULusciuto ulindele amagoli kwiLidoda Duvha
UMQEQESHI weBlack Leopards, uJean Lusciuto, ulindele amagoli eqenjini lakhe ngemuva kokubambana ngo 0-0 neStellenbsoch emdlalweni wamaPlay Off wokukhuphukela kwiAbsa Premiership ngempelasonto eThohoyandou Stadium.
Lokhu kubanjelwa ekhaya kweLidoda Duvha kuyiphonse emathukwini kwi-log yamaqembu amathathu abanga ukuba yiqembu lika-16 kwiPremiership ngesizini ezayo. Elinye iqembu elisembangweni yiBaroka FC eqede endaweni ka-15 kuligi enkulu.
Namuhla iLeopards izovakashela iBaroka emdlalweni wabakhaya baseLimpopo ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-3 ntambama.
“Ngiphoxekile ngomphumela ngoba besinawo amathuba okushaya amagoli kodwa sangawasebenzisa. Ngiyajabula nokho ngendlela esidlale ngayo,” kusho uLusciuto kwi-SS4.
Uthe ukudlala ePolokwane kuzofana nokuthi nabo basekhaya.
“Akusikhathazi ngoba nathi sizobe sinabo abalandeli. Ngiyazi sizoba nomdlalo omuhle, akukho esizokushintsha sizobe sidlalela ukuwina kuphela.”
Umdlali weLidoda Duvha, uSiphelele Ntshangase, uthe: “Kumele sibonge abalandeli bethu ngokuthi sithole amaphuzu amathathu emdlalweni olandelayo. Ayikho into ebalulekile ngaphandle kokuthi sishaye amagoli.”
Ngokuma kwe-log ngemuva kwemidlalo emibili, iStellenbosch iphezulu ngamaphuzu amabili. Yabambana ngo 2-2 neBaroka emdlalweni wokuqala.
Ozowina phakathi lweLeopards neBaroka uzothola ithuba lokuqhwakela ngaphambi komdlalo wangempelasonto. NgoMqibelo kuzobe kutholene phezulu iBaroka neStellenbosch ePeter Mokaba ngo-3 ntambama.
USammy Troughton opheka iStellenbosch ukuvumile ukuthi ayikho into abeyicabanga emdlalweni weLeopards ngaphandle kokuvala emuva.
“Sipake amabhasi amabili. Ngiyaziqhenya ngendlela abadlali abalwe ngayo. Besikhathele, ngicabanga ukuthi sizoba nesikhathi esanele sokuphumula. Sizoya kwiBaroka sesiyihlelele ukuthi siyihlasele ngoba bayiqembu elihle, kumele