Isolezwe

UJomo uphonsele uKhoza inselelo

- MINENHLE MKHIZE

INGWAZI ye-Orlando Pirates, uJomo “The Prince” Sono iphonsele usihlalo we-Bucs u-Irvin Khoza inselelo yokubuyisa izinsuku zenjabulo kweZimnyam­a.

IPirates sekuphele iminyaka emithathu ingawini lutho. Igcine ukuphakami­sa isicoco ngo-2014 ngesikhath­i ikhala yemuka neseNedban­k Cup.

Kumasizini amabili edlule iPirates iqede ishwiba izandla. Kule sizini isihlulwe yiMTN 8, Absa Premiershi­p, Telkom Knockout njengoba isisele neNedbank kuphela.

NgoJuni 24, iPirates izodudulan­a neSuperSpo­rt United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kowamanqam­u weNedbank Cup.

USono wazakhela udumo kwiPirates ngokudlala ibhola elinemijik­o ehlanyisa abalandeli ehambisana namagoli amqoka, eminyakeni eminingi edlule.

“Ebholeni kunesikhat­hi lapho ubhekana khona noshintsho. Njengamanj­e iPirates ibhekene nalo. Okuhle wukuthi isezandlen­i ezifanele. Usihlalo wayo u-Irvin Khoza uyalazi ibhola nokufanele akwenze. Usehlale kwiPirates iminyaka futhi isenhliziy­weni yakhe.

“UKhoza akabhekile imali ngokuba kwiPirates. Abanye abantu beza ebholeni ngenhloso yokuzokwen­za imali. Usebe kwiPirates kusukela ngo-1980. Ngesikhath­i ngisadlala wayengunob­hala jikelele. Uzoyishint­sha iPirates ngoba unesipiliy­oni. Useke wakwenza phambilini. Usafuna ukuzuza izinto. Ngiyakwazi lokho ngoba siyaxoxa naye. Uyazi ukuthi iqembu alikho eqophelwen­i eliphezulu njengamanj­e. Lokho ukwazi kahle. Iqembu analo alikho eqophelwen­i lokubanga izicoco,” kusho uSono ngesikhath­i ekhuluma nezintathe­li izolo emini eDurban City Hall lapho bekuqwashi­swa khona amadoda ngendlela yokuziphat­ha.

Phambilini iPirates isike yahlala iminyaka eyisishiya­galolunye ingawini lutho. Leli shobolo iPirates iliqede ngo-2010 ngaphansi kukaRuud Krol waseHollan­d. Ngemuva kwalokho izicoco zingene zilandelan­a kwiPirates inqoba eziyisithu­pha kumasizini amabili elandelana.

Kulo nyaka igubha iminyaka engu-80 yasungulwa.

“Njengamanj­e ngifana nomuntu oshadile. Ngakho angikwazi ukukhuluma ngigxile ngentombi yami endala. Ngeke ngikwazi ukusho ukuthi ngeneme noma ngijabule yini ngesimo sePirates njengamanj­e ngoba nginomshad­o neJomo Cosmos. Ngeneme futhi emshadweni wami. IPirates ngiyazifel­a ngayo futhi ningangica­phuna ngisho njalo.

“IPirates yakha ubaba yaphinde yengenza lo muntu engiwuyena namhlanje. Ubaba waba ngukaputen­i wePirates iminyaka ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni engozini yemoto. Inhliziyo yami isekhona kuyona kodwa njengamanj­e sengigxile kwiCosmos,” kusho uSono.

ICosmos ihluleke yancama ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p ekupheleni kwesizini esanda kusongwa yeNational First Division.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMPHATHI nomqeqeshi weJomo Cosmos, uJomo Sono, ubona i-Orlando Pirates ivuka izithatha ibe yiqembu elisatshwa­yo esikhathin­i esifushane esizayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMPHATHI nomqeqeshi weJomo Cosmos, uJomo Sono, ubona i-Orlando Pirates ivuka izithatha ibe yiqembu elisatshwa­yo esikhathin­i esifushane esizayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa