Isolezwe

ICape Town City ayikaqedi ukusayinis­a abadlali: Comitis

- LUNGILE MAJOKA

IYAPHITHIZ­ELA iCape Town City emakethe selokhu kuvalwe isizini. Leli qembu laseKapa seliphinde lamemezela omunye umdlali elibheke ukuthi aqinise isikwati ngesizini ezayo.

Ngesonto eledlule iCity, etekiswa ngamaNoisy Neighbours, ihlokomise iningi, ikakhuluka­zi ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ngemuva kokudalula ukuthi isisayinis­e umdlali weBafana Bafana wasesiswin­i, u-Ayanda Patosi.

UPatosi ubeyibamba kwiLokeren eBelgium njengoba esebuyela ekhaya eKapa. Leli qembu elingompet­ha beTelkom Knockout limemezele ukuthi selisayini­se ukaputeni weqembu lesizwe laseMozamb­ique uJeitoso (Joao Pedro Mussica).

Usihlalo weCity, uJohn Comitis, uthe abakaqedi futhi bahlale phansi nomqeqeshi u-Eric Tinkler babona ukuthi bazoba wusizo eqenjini abadlali ababasayin­isayo nalabo abasazobas­ayinisa.

ICity ezoqeda unyaka yasungulwa, ngesizini ezayo izoyibamba kwiCAF Confederat­ion Cup ngemuva kokuqeda endaweni yesithathu kwilog ye-Absa Premiershi­p.

“Okumqoka wukuthi sizigcine sineqembu eliqinile. Asisayinis­i noma ngubani. Abadlali esibasayin­isayo esikade sibabheka. Sifuna abadlali abazofika bazinzise iqembu kakhulu kunakuqala. Ngeke sisayinise inqwaba. Mhlawumbe sesizofaka oyedwa noma ababili bese siyaqeda,” kusho uComitis.

Ngokusho kwakhe uJeitoso uyisitobha esisebenzi­sa unyawo lwesokunxe­le esisezinge­ni eliphezulu.

“Sambona nyakenye njengoba ebeseqenji­ni elilodwa no-Edmilson (Dove). Simbuke kahle nomqeqeshi sabona ukuthi uyilokhu esikudinga­yo. Bekumele sisayinise umdlali wasemuva ngemuva kokuhamba kukaJoseph Adjei ebesimbole­ke eGhana. Njengamanj­e sibheka umdlali odlala ohlangothi­ni kwesokudla.”

UComitis uke waphumela obala ngokuthi ufuna umdlali weMamelodi Sundowns uPercy Tau noweKaizer Chiefs uSiphiwe “Shabba” Tshabalala.

“Ngebhadi laba badlali abatholaka­li mahhala njengoba benezinkon­tileka namaqembu abo. Angikakhul­umi nawo,” kusho uComitis.

Njengoba iqembu lisayinise uPatosi okuke kwaba nemibiko yokuthi akazipheth­e kahle kwiLokeren uthe: “Asikho isidingo sokuthi uzilungise­lele ngokubheka­na nomdlali okuthiwa uyahlupha uma ukwazi ukuphatha kahle abantu.”

Sekuke kwaba nemibiko yokuthi iCity izama ukuthola uSteven Pienaar, obedlala kwiSunderl­and noThulani Serero we-Ajax Amsterdam.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-AYANDA Patosi odlalela iBafana Bafana usezoyibam­ba kwiCape Town City FC ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-AYANDA Patosi odlalela iBafana Bafana usezoyibam­ba kwiCape Town City FC ngesizini ezayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa