Uzibulele obanjwe ejola kwiFacebook
BAMANGELE abomndeni nesoka lowesifazane waseJozini ona-21 okuthiwa uzibulele ngemuva kokubanjwa yisoka lakhe ukuthi kukhona ahlekisana naye kwiFacebook.
Isidumbu sikaNksz Nobuhle Phungula sitakulwe emseleni wamanzi edamini laseJozini ngeSonto ntambama. Umufi ubeyingoduso kathisha waseZibukweni High. Kuthiwa waduka ngoMgqibelo edinwe ukuthi isoka lakhe limbambe oqotsheni ejola nomunye wesilisa kwiFacebook.
Umufi kuthiwa uxabane nesoka lakhe, uMnuz Sam Mngomezulu (24) okuthiwa limbambe ekitazana kamnandi ngamazwi ezothando kule nkundla yezokuxhumana nomunye wesilisa.
Ethintwa uMngomezulu uthe wahluleka ukuzibamba ebona ingoduso yakhe ilokhu imoyizela ikhuluma nomunye umuntu ocingweni. Uthe wayibuza yadinwa, yaphika. Uthe ukuphika akusizanga ngoba wayesekubone konke ebikukhuluma, kanti bavele baxabana kakhulu, ingoduso yakhe yaduba yahamba kanti iyoziphosa emseleni onamanzi.
“Namanje ngisamangele ngokuzibulala kwengoduso yami ngoba ebesikubanga bekungasho ukuthi sekufanele azibulale. Uphumele ngaphandle kwasengathi kukhona ayikwenza kanti usehamba unomphela. Ngizwe esengishayela ucingo ethi angizothatha iselula nezimpahla zakhe eduze komsele wamanzi ebesijwayele ukuphola kuwo, ngabona lapho ukuthi lo muntu useyozibulala. Ngithinte amaphoyisa ngabikela nabomndeni wakhe ngaya kombheka,” kuchaza uMngomezulu. Uthe uzamile ukugijima ngemoto eyombheka kanti wayesakude ngesikhathi embona eziphosa emanzini.
Kuthiwa umufi ubehlala noninakhulu eGreytown, wathathwa wumndeni wakwaNgwenya ukuba ayoqhubeka nokufunda eZibukweni High.
UMfu Mhlengwa Ngwenya uthe imphathe kabi le nto eyenzekile. “Ngaphambi kokuba azibulale ushayele ucingo unkosikazi wami ekhala ethi akangitshele ukuthi uma kuze kushaye ukugamanxa kwehora lesikhombisa ntambama engangithintanga asophuthuma eduze komsele wamanzi sifike sithathe iselula nezimpahla. Ubuziwe ukuthi kwenzenjani kodwa wangafuni ukuphumela obala. Ngibuke u-Whatsapp wakhe ububhalwe ukuthi: “Zihlobo nabangani bambelelani kuNkulunkulu ningapheli amandla mina ngeke nisangibona,” Ngivele ngabona ukuthi lo muntu uyozibulala,” kuchaza uNgwenya. Uthe baphume khona ebusuku ngemuva kokuthinta isoka lakhe elabayalela umsele abahlale kuwo ubusuku bonke bemgadile, engaqhamuki.
Uthi bazama ukumbheka kodwa bangamthola kwaze kwafika abatshuzi ntambama, bamtakula kulo msele okuthiwa ujulile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCaptain Nqobile Gwala uthe bavule icala lokufa kowesifazane, elisaphenywa.