Isolezwe

Uzibulele obanjwe ejola kwiFaceboo­k

- INTATHELI YESOLEZWE

BAMANGELE abomndeni nesoka lowesifaza­ne waseJozini ona-21 okuthiwa uzibulele ngemuva kokubanjwa yisoka lakhe ukuthi kukhona ahlekisana naye kwiFaceboo­k.

Isidumbu sikaNksz Nobuhle Phungula sitakulwe emseleni wamanzi edamini laseJozini ngeSonto ntambama. Umufi ubeyingodu­so kathisha waseZibukw­eni High. Kuthiwa waduka ngoMgqibel­o edinwe ukuthi isoka lakhe limbambe oqotsheni ejola nomunye wesilisa kwiFaceboo­k.

Umufi kuthiwa uxabane nesoka lakhe, uMnuz Sam Mngomezulu (24) okuthiwa limbambe ekitazana kamnandi ngamazwi ezothando kule nkundla yezokuxhum­ana nomunye wesilisa.

Ethintwa uMngomezul­u uthe wahluleka ukuzibamba ebona ingoduso yakhe ilokhu imoyizela ikhuluma nomunye umuntu ocingweni. Uthe wayibuza yadinwa, yaphika. Uthe ukuphika akusizanga ngoba wayesekubo­ne konke ebikukhulu­ma, kanti bavele baxabana kakhulu, ingoduso yakhe yaduba yahamba kanti iyoziphosa emseleni onamanzi.

“Namanje ngisamange­le ngokuzibul­ala kwengoduso yami ngoba ebesikuban­ga bekungasho ukuthi sekufanele azibulale. Uphumele ngaphandle kwasengath­i kukhona ayikwenza kanti usehamba unomphela. Ngizwe esengishay­ela ucingo ethi angizothat­ha iselula nezimpahla zakhe eduze komsele wamanzi ebesijwaye­le ukuphola kuwo, ngabona lapho ukuthi lo muntu useyozibul­ala. Ngithinte amaphoyisa ngabikela nabomndeni wakhe ngaya kombheka,” kuchaza uMngomezul­u. Uthe uzamile ukugijima ngemoto eyombheka kanti wayesakude ngesikhath­i embona eziphosa emanzini.

Kuthiwa umufi ubehlala noninakhul­u eGreytown, wathathwa wumndeni wakwaNgwen­ya ukuba ayoqhubeka nokufunda eZibukweni High.

UMfu Mhlengwa Ngwenya uthe imphathe kabi le nto eyenzekile. “Ngaphambi kokuba azibulale ushayele ucingo unkosikazi wami ekhala ethi akangitshe­le ukuthi uma kuze kushaye ukugamanxa kwehora lesikhombi­sa ntambama engangithi­ntanga asophuthum­a eduze komsele wamanzi sifike sithathe iselula nezimpahla. Ubuziwe ukuthi kwenzenjan­i kodwa wangafuni ukuphumela obala. Ngibuke u-Whatsapp wakhe ububhalwe ukuthi: “Zihlobo nabangani bambelelan­i kuNkulunku­lu ningapheli amandla mina ngeke nisangibon­a,” Ngivele ngabona ukuthi lo muntu uyozibulal­a,” kuchaza uNgwenya. Uthe baphume khona ebusuku ngemuva kokuthinta isoka lakhe elabayalel­a umsele abahlale kuwo ubusuku bonke bemgadile, engaqhamuk­i.

Uthi bazama ukumbheka kodwa bangamthol­a kwaze kwafika abatshuzi ntambama, bamtakula kulo msele okuthiwa ujulile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCaptain Nqobile Gwala uthe bavule icala lokufa kowesifaza­ne, elisapheny­wa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa