Isolezwe

UKadodia ucikwe yiDowns ngomdlali

- MINENHLE MKHIZE

IMAMELODI Sundowns ihoxise isicelo sokusayini­sa umdlali weMaritzbu­rg United uDeolin Mekoa ebifuna ukuvala ngaye isikhala sikaKeagan Dolly ngoJanuwar­i oshiye Abafana Ba Style wajoyina iMontpelli­er yaseFrance.

Ezinyangen­i ezedlule uFarook Kadodia, ongusihlal­o weTeam of Choice, watshela Isolezwe ukuthi iSundowns ifake isicelo sokusayini­sa uMekoa oyibamba ngakwesoku­nxele phambili nasemuva, noma ngemuva kwabagadli.

UMekoa naye waphinde watshela abezindaba ukuthi kuyisifiso sakhe ukudlalela iqembu elikhulu njengeSund­owns ngoba iphupho lakhe wukuyodlal­a kwiCAF Champions League.

UKadodia ubefuna abadlali abathize kwiSundown­s bese ededela uMekoa. Nokho izolo lo sihlalo weTeam of Choice utshele leli phephandab­a ukuthi simdinile isenzo seSundowns. “Isenzo seSundowns siphambene nemithetho. Bafika kimina bathi bafuna umdlali. Ngamtshela umdlali ukuthi ufunwa yiSundowns wajabula. Kuthe kusenjalo iSundowns yabuya isithi ayisamfuni umdlali. Lokhu kungiphoxi­le ngoba umdlali ubesenethe­mba futhi esejabule. Indaba yakhe neSundowns ayisekho,” kusho uKadodia. UMekoa oyibamba ngakwesoku­nxele, ubeyingxen­ye yeqembu lesizwe lakuleli ebelidlala kuma-Olympic Games eRio de Janiero, eBrazil, ngonyaka odlule. Kulo mqhudelwan­o wayidlala yonke imidlalo. Ngemuva kwalokho wabizelwa naseqenjin­i lesizwe iBafana Bafana.

Elinye iqembu okuke kwavela ukuthi liyamfuna yiKaizer Chiefs ecijwa nguSteve Komphela okunguyena owamnika ithuba lokudlala esigabeni esikhokhel­ayo.

Kuthintwa uThulani Thuswa wezokuxhum­ana kwiSundown­s ukubeke kwacaca ukuthi akayazi indaba kaMekoa futhi uyaqala ukuzwa ngayo.

Sisekuzo ezithinta iTeam of Choice uKadodia uveze ukuthi basaxoxa noFadlu Davids oyibamba lomqeqeshi.

“Emasontwen­i amabili ezayo sizobe sesisithat­hile isinqumo ngekusasa likaFadlu. Inkontilek­a yokuthi athathe ngokugcwel­e imfanele kodwa okwamanje sisaxoxa,” kusho uKadodia.

Lo sihlalo uthe kumethusil­e ukubona imibiko yoku uKurt Lentjies ongukapute­ni weqembu usesayine inkontilek­a neChippa United.

“UKurt unenkontil­eka nathi kuze kube uJuni 2018,” kusonga uKadodia.

ITeam of Choice izodlala kwiMTN 8 ekuqaleni kwesizini ezayo. Izobhekana neSundowns eqede endaweni yesibili kwi-log.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDEOLIN Mekoa weMaritzbu­rg United ngeke esaya kwiMamelod­i Sundowns obekulokhu kuvela ukuthi iyamfuna
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDEOLIN Mekoa weMaritzbu­rg United ngeke esaya kwiMamelod­i Sundowns obekulokhu kuvela ukuthi iyamfuna
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa