Isolezwe

Injabulo kuPhalula kubuya iwele lakhe

- MINENHLE MKHIZE

UFUNA ukubingele­la ingane kadadewabo ngendondo uLebogang Phalula obheke ukuqeda nabagijimi abathathu bokuqala abazoshaya intambo emlenzeni waseThekwi­ni weSpar Women 10/5km Challenge.

ISpar Women Challenge izoqala ngeSonto ngo-8 ekuseni kuMasabala­la Yengwa Avenue uphelele eGrowthpoi­nt Kings Park Stadium, eThekwini. Kuzophinde kube nomjaho ka-5km wabesifaza­ne abafuna ukuzilulel­a imilenze.

Njengamanj­e uPhalula ugijima ngaphandle kwewele lakhe uLebo osanda kuthola ingane yakhe yokuqala. Emlenzeni wokuqala obungo-Ephreli eKapa uPhalula ulale endaweni yesine kwathi kowesibili obuseBhayi ngoMeyi wangena endaweni yesihlanu.

“Ngiyajabul­a ukuthi iwele lami selibuyile. Uma lingekho angikwazi ukugijima kahle. Usebelethi­le manje futhi bangase bafike bezongibuk­a nomntwana wakhe u-Olwethu. Yingakho ngifuna ukubajabul­isa ngokuthi ngibalwe nabokuqala abathathu abazophuma phambili,” kusho uPhalula.

UPhalula unerekhodi elihle eThekwini kwazise ngo-2014 nango-2015 nguyena odle umhlangani­so emlenzeni waseThekwi­ni.

“ITheku lihambisan­a nomzimba wami. Ngihlale ngigijima kahle njalo uma ngisendawe­ni enolwandle. Isikhathi esiningi ngivamise nokushaya izikhathi ezinhle. Ngakho nakulokhu ngibheke ukuthi ngenze kahle. Kumqoka ukuthi ngiqoqe amaphuzu amaningi kule mijaho elandelayo kwazise angizange ngenze kahle emijahweni edlule. Umjaho ngiwulunge­le. Akukho lapho ngithintek­e khona,” kusho uPhalula.

Umlenze wesine uzoba sePitoli ngo-Agasti 5 bese kuthi owesihlanu ubeseMgung­undlovu ngo-Agasti 20. Owokugcina uzoba seGoli ngo-Okthoba 8. Umgijimi ozoqeda endaweni yokuqala uzohlabana ngo-R10 000 bese kuthi othathe indawo yesibili agoduke no-R7 500. Oqede endaweni yesithathu uzothola u-R5 000. Umsubathi uzobashaya emakhanda ngemuva kwemilenze eyisithuph­a uzokhala emuke no-R173 000.

 ?? Isithombe: MATTHEWS BALOYI ?? ULEBOGANG Phalula omunye wabagijimi ababhekiwe ukuthi banqobe kwiSpar Ladies engeSonto eThekwini
Isithombe: MATTHEWS BALOYI ULEBOGANG Phalula omunye wabagijimi ababhekiwe ukuthi banqobe kwiSpar Ladies engeSonto eThekwini
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa