IBafana nejoka lokwenza kahle kwiNigeria
KUBALULEKILE ukuthi iBafana iqale kahle endleleni yayo ebheke kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2019 eCameroon.
Izodudulana neNigeria kusasa eGodswill Akpabio International Stadium ngo-6 ntambama ngokwesikhathi sakuleli emdlalweni wokuvula kuGroup E.
Amanye amaqembu akuleli qoqo, iSeychelles neLibya abadlala namuhla.
Ngesikhathi iBafana idlala kweyokuhlungela i-Afcon ka-2017 ebiseGabon ngoJanawuri, yaqala ngebatha ibanjwa iGambia ekhaya.
Igcine ihlulekile ukuya eGabon. ULebogang Manyama ongomunye wabadlali abangase balithwale iqembu, ubalule ukubaluleka kokuthola umphumela omuhle kwiNigeria.
Ngemuva kwalo mdlalo we-Afcon, eminye ebalulekile ezolandela eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.
“Inselelo yethu iqala ngeNigeria ngoMgqibelo (kusasa). Uma singadlula kuyona ngikholwa wukuthi sizokwazi ukubhekana nesisazohlangana nakho. Kuzona zonke izinselelo esizobhekana nazo okusemqoka wukuthi sinqobe imidlalo ikakhulukazi ekhaya,” kusho uManyama kwiSafa.
Bonke abadlali beBafana abakhulume nabezindaba kuleli sonto bazwakale bezethemba ngokubuya nomphumela omuhle eNigeria.
Igcina iBafana ukuvakashela iNigeria yabuya nephuzu umdlalo uphela ngo-2-2.
“Siyayazi iNigeria ukuthi ibophele abadlali abasezingeni eliphezulu kodwa ekugcineni enkundleni kuzobe kulingwana, bangabantu futhi nabo bayashayeka. Kumele siye kubona sizithemba ukuthi uma sisebenza ngokubambisana njengeqembu sizobuya nomphumela esiwudingayo,” kusho uManyama.
INingizimu Afrika ayikaze iyehlule iNigeria emdlalweni obalulekile. Umqeqeshi uStuart Baxter nguyena kuphela osakwaze ukuyihlula kodwa emdlalweni wobungani.