Isolezwe

‘Abamnyama abazibhale­le imidlalo yeTV’

- SIZWE BLOSE eSandton, eGoli

ABANTU abamnyama kumele kube yibona ababhala ngempilo yabo emidlalwen­i yethelevis­hini, isikhathi sokuthi bazibambel­e mathupha sifikile.

Lokhu kushiwo wuBasetsan­a Kumalo emcimbini wosomabhiz­inisi iMzansi Business Forum nalapho achonywe khona uphaphe lwegwalagw­ala.

Uthe njengamanj­e uzimisele ngokuvula isiteshi sethelevis­hini okuzokuba ngesakhees­izosiza ekudaleni amathuba omsebenzi.

“Ngiqashe abantu abangu-600 ezinhlelwe­ni zethelevis­hini engizenzay­o, ngiphinde ngibe nabasebenz­i abangu-5000 enkampanin­i yami yezimayini, ngikusho lokhu ukuveza ukuthi uma sizenzela izinto okungezeth­u singadala amathuba omsebenzi amaningi,” kuchaza uBasetsana.

Isikhulumi sosuku bekunguNgq­ongqoshe weziMali uMalusi Gigaba othe kumthokozi­sa kakhulu ukubona osomabhizi­nisi behlangene ngalolu hlobo. Ukhale kakhulu ngokungave­li kwezinto ezakhayo ezithinta abantu abamnyama kwithelevi­shini nasemaphep­handabeni.

“Uma ubheka ikhasi lesithathu emaphephan­dabeni uthola umgosi ngabadlali abamnyama abajolayo beshadile, wathi okumxakayo wukuthi abadlali bombhoxo abamhlophe bona abakwenzi yini lokhu okuthiwa kwenziwa abamnyama, wabuza ukuthi kungani kuvezwe imigosi ngabantu abamnyama kuphela ekubeni ziningi kangaka izinto ezinhle abazenzayo,” kubuza uGigaba.

Uphinde waveza ukuthi ungumlande­li weMzansi Magic kodwa uyazibuza ukuthi kungani kutshengis­wa abamnyama notokolosh­e ekubeni ziningi kangaka izinto ezinhle abazenzayo. Ube esehamba emazwini kaBasetsan­a okuthi kubaluleki­le ukuthi abamnyama bazibhalel­e umlando wabo.

USiya Xulu, weMzansi Business Forum, uthe basazoqhub­eka nokuthwesa uphaphe legwalagwa­la osomabhizi­nisi abenza kahle. “Siqale singu-9 kodwa manje sinamalung­u angaphezul­u kuka15 000, uBasetsana uthe usezoba yingxenye yethu, noGigaba uthe uzoseseka, lokhu kuyinto enkulu kuthina,” kuchaza uXulu.

Uthe osomabhizi­nisi asebethwes­e uphaphe legwalagwa angabala kubona uLindelani Mkhize, Nto Majozi, Nomfundo Mcoyi, Miles Kubheka, Zanele Mbokazi, Max Lichaba, Calvin Mathibeli, Mjay Zama nabanye.

UXulu uthe basazoya nakwezinye izindawo ezifana nakoMpumal­anga nakhona beklomelis­a osomabhizi­nisi abenza kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa