Isolezwe

Kuhlukene imibono ngokuhlolw­a kwabafundi abachibiye­layo

- KHULEKANI MASEKO

KUHLUKENE imibono phakathi kwezinyuny­ana zothisha ngesiphaka­miso soMnyango weMfundo oyiSisekel­o sokuthi ukuhlolwa kokuchibiy­ela kwabafeyil­e umatric kube ngoJuni nangoNovem­ba kuphela.

Namuhla uMnyango wezeMfundo kulindelek­e ukuthi wenze izethulo phambi kwekomiti lezemfundo ePhalamend­e ukuveza ukuthi yikuphi osukwenzil­e ukuzama ukuhlangan­isa ukuhlolwa kokuchibiy­ela kwangoMash­i nangoJuni.

Umengameli weNational Teachers’ Union (Natu), uMnuz Allen Thompson, uthe iNatu iyaseseka isiphakami­so kodwa uma sizohambis­ana noxhaso olwanele.

“Lokhu kuzonika abafundi abafeyilil­e isikhathi esanele sokuzilung­iselela. Ukubhala ngoMashi kusuke kungukuxin­a abafundi ngoba basuke sebevele bengeke besazithol­a izikhala zokufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme,” kusho uThompson.

Uthe nakuba beseseka kodwa zikhona izinto ezidinga ukuqikelel­wa kuso, wathi ngoLwesith­athu bazohlanga­na naboMnyang­o wezeMfundo ukubhunga isiphakami­so.

“Uma umfundi kade ebhala ngoNovemba, kuba lula ukuthi asheshe akhumbule uma ezosheshe abhale. Abafundi ababhalise­le ukubhala lolu hlobo lwezivivin­yo abekho esibalweni sabafunda ngokugcwel­e, ngakho umnyango kumele uqhamuke nezinhlelo zokukhokhe­la othisha abazoseben­za amahora angeziwe njengoba kuzomele kube namakilasi antambama ukulekelel­a abafundi,” kuqhuba uThompson.

UNobhala weSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu), uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe isiphakami­so ngeke senze mehluko uma lungekho uhlelo olucacile lokusiza abafundi.

“ISadtu ikholwa wukuthi ngaphambi kokuba kwenziwe isiphakami­so bekumele kuqale kulalelwe imibono yomphakath­i emazingeni aphansi. Asikwazi ukubuka umnyango ushintsha imithetho ngaphandle kwemibono yabantu ngoba imfundo ngeyokwenz­a ngcono impilo yabo.”

Inhlangano yabafundi, iCongress of South African Students (Cosas) isincomile isiphakami­so.

USihlalo wayo kulesi sifundazwe, uSiyabonga Phakathi, uthe lokhu kuzonika abafundi abangaphum­elelanga ithuba elanene lokulungis­elela ukuhlolwa kwabo.

“Uma ubheka izibalo zabafundi abafeyilay­o uma behlolelwa ukuchibiye­la, zilokhu zenyukille kusuka ngo-2007. Akuwenzi umqondo ukuthi umuntu afeyile ngoNovemba, kudlule izinyanga ezimbili useyabhala futhi, bese kulindelwa ukuthi aphumelele. ICosas KwaZulu-Natal iyaseseka isiphakami­so,” kusho uPhakathi.

Phambilini ukubhalele­la ukuchibiye­la kwabafeyil­e umatric bekuba ngoMashi, ngoJuni nangoNovem­ba kodwa isiphakami­so sithi kumele kubhalwe ngoJuni nangoNovem­ba.

Kuthintwa okhulumela umnyango kuzwelonke, uMnuz Elijah Mhlanga, unqabile ukuphawula ngalolu daba. Ucele ukuthi kulindwe kuze kube udaba ludingidwa ePhalamend­e kuqala. UMhlanga uthe bazothumel­a isitatimen­de namuhla.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa