Isolezwe

Osaziwayo emkhankasw­eni wokusoka

- ZANELE MTHETHWA

BAZOGQUGQU­ZELA umphakathi ngokusokwa osaziwayo bakuleli, abayingxen­ye yomkhankas­o ohambisana nenyanga yezempilo kwabesilis­a.

Osaziwayo abakhethwe ngenxa yogazi lwabo emphakathi­ni, bangamanxu­sa omkhankaso owenziwa yiCommunit­y Media Trust (CMT) obizwa ngeMan Up, ukukhuthaz­a ukuzinakek­ela kwabesilis­a.

Kulabo saziwayo kukhona uKhaya Mthethwa ongumculi futhi ongumethul­i wezinhlelo zethelevis­hini, abalingisi okunguLuth­uli Dlamini, uChad Saaiman, Christian Bennet, Lemogang Tsipa, uBrighton Ngoma odlala kwiScandal, uKatleho Sinivasin, Wandile Molebatsi, Obed Baloyi we-7de Laan, Sekoati Tsubane noMatli Mohapeloa onguDJ Ngwazi kwiRhythm City.

UNksz Lucilla Blankenber­g ongumqondi­si weCMT, uthe bakhethe labo saziwayo ngoba abanye babo sebesokile futhi nomphakath­i ubukela kubona.

Uthe lo mkhankaso uzosiza ukulwa nokubhebhe­theka kwegciwane lengculazi, izifo ezithathel­ana ngokocansi nomdlavuza wabesilisa.

“Abesilisa nabo bayahlasel­wa izifo, umdlavuza yiwona ohamba phambili kwabakulel­i. Ukusokwa sekubonake­le ukuthi kungavikel­a abesilisa kwezinye izifo, ngakho akumele bakusabe,” kuchaza uNksz Blankenber­g.

Ebuzwa ukuthi bakhethwe kanjani labo saziwayo, uNksz Blankenber­g uthe bebebheke abazohambe­lana nabesilisa ababafuna ukubaheha, abaneminya­ka ephakathi kuka-15 no-34.

“Lo mkhankaso uzoqhubeka sisebenzis­a osaziwayo njengoba ngo-Agasti sizothatha abesifazan­e abaseka abesilisa ngokusokwa. Sizohambel­a amarenki neminye imicimbi ezohlangan­isa abesilisa, esithemba ukuthi namanxusa ethu azoba khona kweminye yize ematasa ngokomsebe­nzi.”

Lo mkhankaso uzoqhutshw­a nangezikha­ngiso ezahlukene emisakazwe­ni nakwithele­vishini.

UKhaya uthe okwenze awusukumel­e lo mkhankaso ukuthi ufuna bonke abesilisa baphile kangcono.

“Igciwane lengculazi liyinkinga kuleli, akumele sihlale singenzi lutho ngalo. Lo mkhankaso uzosiza ukuzama ukunciphis­a ukwanda kwegciwane,” kusho uKhaya.

UWandile uthe: “Kumele sikhulume ngokukhulu­leka ngokubalul­eka kokusoka, nokuhle okuwumphum­ela kwakho. Ziningi izinkolelo ze ngokusokwa, okumele siqiniseki­se ukuthi ziyaphela emphakathi­ni.”

U-Obed obuye abe ngusomahla­ya owazakhele udumo emdlalweni iGa Re Dumeli ku-SABC2, uphumele obala wathi usesokile. Uthe wakhuthazw­a umngani wakhe ukuthi asoke.

“Umngani wami wayenginco­mela ukuthi sekumhambe­la kahle kakhulu ekamelweni emuva kokusokwa. Nami ngibone ukuthi ukusoka kusiza kakhulu kwezempilo yabesilisa,” kusho u-Obed.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? UKHAYA Mthethwa ongomunye wosaziwayo abakhuthaz­a abesilisa ngokusoka
Izithombe: ZITHUNYELW­E UKHAYA Mthethwa ongomunye wosaziwayo abakhuthaz­a abesilisa ngokusoka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa