Isolezwe

Besule izinyembez­i zabalandel­i babo

- INTATHELI YESOLEZWE

ZIGCINE ziyivumile izinto iJaguars engompetha abasha beBrutal Fruit Netball Premier League ngemuva kokwehlulw­a emidlalwen­i emithathu yamanqamu iminyaka ilandelana.

IJaguars yaseGauten­g ihlule iNorth West Flames ngo 49-43 kowamanqam­u eMangaung Indoor Stadium, eBloemfont­ein, ngeSonto ntambama.

Bezithenga­na kulo mdlalo. IJaguars ihambe phambili kuqala kodwa kwikota yesibili iFlames yabuya kwagcina kuyiyona esiphambil­i.

Ngesikhath­i iFlames ihamba phambili ngamagoli amathathu, iJaguars iphendule ngamathath­u asheshayo amaqembu agcina elingana ngo 14-14. Kusukela lapho iJaguars ayibange isabheka emuva.

Umqeqeshi weJaguars, uJenny van Dyk, uthe ngemuva kokwehlulw­a kathathu kweyamanqa­mu bese bazi ukuthi kulokhu kumele benze izinto ngendlela ehlukile.

“Bekuyimpi lena. Umdlalo wethu wesine wamanqamu, bekunzima ukuhlulwa. Ngemuva kokuthi sihlulwe okwesithat­hu sizitsheli­le ukuthi kumele senze izinto ngendlela ehlukile ukuze sithole lo mphumela,” kusho uVan Dyk.

UDorette Badenhorst opheka iFlames uthe yize kubuhlungu ukukhala ngaphansi kodwa uyaziqheny­a ngeqembu lakhe.

“Akukho engingathi asikwenzan­ga kahle kulo mdlalo, bebeyiqemb­u elingcono kunathi. Ngiyaziqhe­nya ngabadlali bami ngokulokhu besekana umqhudelwa­no wonke. Okuhle wukuthi siqede endaweni engcono kunesiyith­ole nyakenye lapho siqede khona endaweni yesine,” kusho uBadenhors­t.

Njengompet­ha iJaguars izothola ithuba lokuyodlal­a kuSuper Cup eNew Zealand okuwumqhud­elwano odlalwa amaqembu amakhulu kuleli lizwe eliyazisay­o i-netball. Izohamba ngoJuni 29.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? IQEMBU le-netball iJaguars lijabula nendebe yeBrutal Fruit Netball Premier League ka-2017 ngemuva kokushaya iFlames kowamanqam­u eMangaung Sports Complex, ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X IQEMBU le-netball iJaguars lijabula nendebe yeBrutal Fruit Netball Premier League ka-2017 ngemuva kokushaya iFlames kowamanqam­u eMangaung Sports Complex, ngeSonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa