Isolezwe

UBaxter ubona ingozi kwiSafa

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weBafana Bafana, uStuart Baxter, ubona ubungozi endleleni iSouth African Football Associatio­n (Safa) eyenze ngayo ekuhleleni umdlalo wobungani neZambia namuhla ngo-7 ebusuku eMoruleng Stadium, eRusternbu­rg.

IBafana iya kulo mdlalo neZambia ihambela phezulu kwazise yenze okungakaze kwenziwe yileli qembu lesizwe emlandweni, ukunqoba kwiNigeria idlalela ezweni layo. IBafana inqobe ngo 2-0 wamagoli kaTokelo Rantie noPercy Tau e-Uyo, eNigeria, kowokuhlun­gela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seCameroon ngo-2019.

UBaxter ukhala nje yingoba leli qembu lesizwe litheleke kuleli izolo ekuseni langena ebhasini ebheke ePhokeng lapho beliyoqala khona amalungise­lelo alo mdlalo. Akuyena uBaxter kuphela okhala ngalokhu kepha nabadlali bayakhonon­da. Ngaphandle kwabo abadlali uBaxter ubona lokhu kungathunt­ubeza nobudlelwa­no azama ukubakha namaqembu adlalelwa abadlali asebenza ngabo eqenjini lesizwe. “Ngikanye nabo abadlali nami kodwa-ke akukho engingakwe­nza. Ngikwazi kahle engakuvuma ngithatha lo msebenzi kanti nabadlali bayakwazi okulindele­ke kubona. Akulula khona ukubuya eNigeria ngoMsombul­uko bese kuthi ngemuva kwamahora angu-24 usuyadlala futhi. Bengingeke ngikuvume lokhu ukube izinto bezenzeka ngendlela yami kodwa-ke akunjalo. “Okungixaka kakhulu ukuthi bekuzokwen­ziwa kanjani ukube isizini ibingavali­we. Phela abadlali bazobuyela emaqenjini abo sekudlule isikhathi ngenxa yalo mdlalo weZamiba. Abezothini amaqembu alaba badlali ukube ngempela isizini ivulile? Lokhu ngikubona kungaba yingozi esikhathin­i esizayo ngoba nokuxhuman­a kwethu nobudlelwa­no esizama ukubakha namaqembu adlalelwa abadlali beBafana bungaphaza­miseka,” kusho uBaxter.

Nakuba ebhekene nalokhu uBaxter uthe lo mdlalo uzowuseben­zisa ukubona kahle abadlali abafana no-Abbubaker Mobara, Tau, Lorenzo Gordinho, Lebohang Manyama, Aubrey Ngoma, Sifiso Hlanti nabo bonke abangazang­e badlale eNigeria ngenxa yezizathu ezahlukene.

“Ngiyaqonda ukuthi ukunqoba kumqoka kodwa asikho isidingo sokulwela lokho noma sinethuba lokubuka abadlali esizobe sigadla ngabo kusasa. Lesi sinqumo ngisithath­e ngazi kahle ukuthi ngizogxekw­a kangakanan­i uma kwenzeka sihlulwa yiZambia ngodwa ngeke ngisishint­she,” kuphetha uBaxter.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter ukhale ngendlela engacacile okuhlelwe ngayo umdlalo wobungani abazowudla­la neZambia namuhla eRustenbur­g ngo-7 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter ukhale ngendlela engacacile okuhlelwe ngayo umdlalo wobungani abazowudla­la neZambia namuhla eRustenbur­g ngo-7 ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa