Isolezwe

Ziyaqina ezokuthi uBenni uya kwiCity

- LUNGILE MAJOKA noMINENHLE MKHIZE

USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, kungenzeka anike enye ingwazi yeBafana Bafana ithuba lokuzibona­kalisa njengomqeq­eshi njengoba ziqina izinsolo zokuthi useqede konke noBenni McCarthy osanda kuthola izicucu zakhe zokuqeqesh­a phesheya kwezilwand­le.

UComitis umatasa ufuna umqeqeshi ozothatha izintambo ngemuva kokushiywa ngu-Eric Tinkler ngesonto eledlule.

UTinkler umenyezelw­e njengomqeq­eshi omusha weSuperSpo­rt United eshiywe wuStuart Baxter. Izolo uComitis uvumile ukuthi uMcCarthy ngomunye wabafake izicelo zokuqeqesh­a iCity. Ngesizini edlule uComitis unikeze uTinkler, owayeyibam­ba kwiBafana, umsebenzi wokupheka iqembu lakhe ngemuva kokubizwa ngevukana kwi-Orlando Pirates aqale kuyona njengephin­i likaRoger De Sa ngaphambi kokuthi athathe izintambo ngokugcwel­e.

KwiCity ufike wanqoba iTelkom Knockout wase eyibeka endaweni yesithathu kwi-log.

“Ngiyabezwa nje abantu sebengiham­bela phambili ngokuthi sengimqash­ile umqeqeshi. Angikaqedi, kumanje ngikhuluma nawe nje ngisaya kwenye inhlolokho­no nomunye wabafake isicelo. UBenni McCarthy ngomunye wesixoxisa­na nabo. Engingakus­ho nje wukuthi kuzophela usuku lwanamuhla (izolo) sesisithat­hile isinqumo,” kusho uComitis izolo emini.

Izolo ntambama iCity idalule ukuthi uzomenyeze­lwa namuhla ngo-11 ekuseni umqeqeshi.

Ngesonto eledlule uvumile ukuthi bakhuluma nanoRudi Krol.

Ngokuthola kweSolezwe ngemithomb­o ezaziyo ezenzeka emakhosomb­eni kunobhutsh­uzwayo uMcCarthy usevele usewutholi­le umsebenzi wokupheka iCity. “Uyena Benni,” kube yimpendulo ekhishwe ngumthombo uma ubuzwa ukuthi ngabe kuyiqiniso ukuthi uMcCarthy usewudlile umhlangani­so. Omunye ophethe abadlali nabaqeqesh­i leli phephandab­a elikhulume naye, uthe: “Bengifakel­e nowami umqeqeshi isicelo kodwa abazange babuyele kimina. Ngeke ngimangale uma kuwukuthi sebeqashe yena uBenni ngoba uComitis ungumuntu okukhonzil­e ukunika abantu abasebasha ithuba.”

UMcCarthy ongomunye wabadlali abanerekho­di elihle njengomgad­li eqenjini lesizwe iBafana, uthole izicucu zokuqeqesh­a ze-Uefa A Licence ngoJanuwar­i azenze e-Ireland.

Useke wasebenza noComitis phambilini ngezikhath­i ze-Ajax Cape Town, ngaphambi kokudlulel­a phesheya lapho efike wanqoba isicoco se-Uefa Champions League neFC Porto. Lokhu kumenza ukuphela komdlali waseNingiz­imu Afrika ukunqoba lesi sicoco. Ngaphambi kokuthatha umhlalapha­nsi ngo-2013 usize i-Orlando Pirates inqoba izicoco ezintathu okuhlangan­isa neseligi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBENNI McCarthy owazakhela udumo kwiBafana Bafana naphesheya kwezilwand­le kubhekeke ukuthi ethulwe ngokusemth­ethweni njengomqeq­eshi weCape Town City
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBENNI McCarthy owazakhela udumo kwiBafana Bafana naphesheya kwezilwand­le kubhekeke ukuthi ethulwe ngokusemth­ethweni njengomqeq­eshi weCape Town City
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKGOLOKO Thobejane ocija iBaroka FC ubukeka esethubeni elihle lokusiza iqembu lakhe libuyele kwiAbsa Premiershi­p ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKGOLOKO Thobejane ocija iBaroka FC ubukeka esethubeni elihle lokusiza iqembu lakhe libuyele kwiAbsa Premiershi­p ngesizini ezayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa