Isolezwe

Kusolwa umsebenzi ngokufa kukaGunman

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUSOLWA ukuntula umsebenzi njengemban­gela eholele ekutheni agcine ezibulele umlingisi owaduma elingisa indawo kaGunman emdlalweni iYizo Yizo.

UJabu Christophe­r Kubheka, kuthiwa utholwe yinkosikaz­i yakhe emzini wabo eSoshanguv­e, ezilengisi­le esicabheni ngoMsombul­uko ntambama.

Umthombo okhulume neSolezwe, uthe uGunman bese kunesikhat­hi ekhala ngokuthi izinto azihambi kahle empilweni yakhe njengoba engasaling­isi, nasemculwe­ni kungahambi kahle.

“Kukhona i-albhamu abeseyikhi­phile kodwa nakuyona kwangahamb­a kahle. Impilo yakhe ibisinzima futhi esho ukuthi ekulingise­ni akusamhamb­eli kahle,” kuchaza umthombo.

Uthe babehlele naye ukuya kumaSama ngasekuphe­leni kwenyanga edlule kodwa wabatshela ngomzuzu wokugcina ukuthi ngeke esaphumele­la.

“Sasizodlul­a simthathe kodwa wasitshela ukuthi akasahambi ngoba inhliziyo yakhe izophathek­a kabi uma ebona abantu besebenza futhi abaculi bethola izindondo yena ekubeni izinto zingamhamb­eli kahle,” kuchaza umthombo.

Uthe ubesehlala ekhala ngobunzima bempilo njengoba ngisho ethola isikhala sokulingis­a kweminye imidlalo, bekuba okwesikhas­hana.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Mavela Masondo, uthe kuvulwe icala ngokuthola­kala kukaGunman ezilengisi­le emzini wakhe.

Uthe kukholakal­a ukuthi uzilengisi­le kodwa basalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.

“Ubesenomuz­i wakhe, kubo kuseSoweto, besingakax­humani nomndeni wakhe,” kuchaza uMasondo.

Umculi ophinde abonakale ezikhangis­weni okukhona kuzo esikashoko­ledi iLunch Bar, uLebo “Skhokho” Mpewa ubebalisa kakhulu ngokushona kukaGunman esola indima abakuyo ngalesi sigameko.

Komunye umbhalo awubhalile uthe bebezobona­na naye ngosuku ashone ngalo njengoba yena eqopha kwiSibaya.

“Ngimthinte ekuseni ngimxoxela ngendawo engiyithol­ile emdlalweni Isibaya, wangibonge­la. Ngimbuze ukuthi ukuphi, wathi usekhaya. Ngithe kuye kumele sihlangane. Ngenxa yokuba matasa angikwazan­ga ukumthinta ngoba bengimatas­a ngomsebenz­i kodwa ngithe ngiqeda ngezithuba zo-7, ngathola ucingo luphuma komakhelwa­ne bakhe bengazisa ukuthi usedlulile emhlabeni. Kodwa ukwenzelen­i lokhu kimi,” kusho uSkhokho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa